Breaking News

UNYELWE INYONI ESANDLENI UMKHANDLU WASEMTHONJANENI ONIKELELWE NGEZINSIZAKUBHUKUDA

0 0

Injabulo kuMasipala uMthonjaneni ngesikhathi uvakashelwe ithimba labatakuli i-Sea Rescue endaweni yokubhukuda,nalapho lelithimba lidlulisele ngezinsiza kubhukuda (Bouy yokutakula) kuloMkhandlu.Lokhu kwenzeke NgoLwesihlanu womhlaka-22 March,eMthonjaneni enyakatho neTheku.

Lelithimba lithe inhloso yalo ikuqinisekisa ezophepha komphakathi osuke uzijabulisa ngokubhukuda kanye nokwenza umsebenzi wabaqaphi bezempilo zababhukudi(Life Guards) ubelula ngenxa yokuba nezinsizwa kusebenza.Lelithimba lithembise loMasipala ukuthi ngeke ligcine ngokulekelela ngama-Bouy okutakula kuphela kepha lizophinde libuye seliqhamuka nezinye izinsizakubhukuda ngenhloso yokulekelela labo abathanda ukubhukuda.

“SiwuMasipala waseMthonjaneni siyathokoza kakhulu ngezinsiza kubhukuda enisilethele zona namhlanje nezizolekela kakhulu ziqinisekise ezokuphepha endaweni yethu yokubhukubhuda (Swimming pool) elekelela umphakathi waseMthonjaneni” kusho uMeya kaMasipala waseMthonjaneni uKhansela Mbangiseni Biyela.

Eqhuba uBiyela uveze ukuthi lezinsiza kubhukuda zizolekelela ababhukudi baseMthonjaneni emdlalweni esuke ihlelwe inhlangano yohulumeni basekhaya i-South Africa Local Government Association (SALGA) ,lemidlalo eyaziwa ngama-SALGA Games.Wathi unesifiso sokuqoqa abantu abasha ngenhloso yokubafaka kwezokubhukuda ukuze kuzoncipha ukusetshenziswa kwezidakamizwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *