Izinhlangano ezenza umsebenzi wokusiza umphakathi zithole umklomelo ngaphansi kohlelo iGrant-In-Aid Funding ovela kuMkhandlu waseThekwini ngoxhaso mali elingango-R5.7 Million.
Lokhu kwenzeke NgoLwesithathu womhlaka-8 May,eMkhumbane Community Hall eThekwini.
Kuvele ukuthi zingu-108 izinhlangano ezithole loluxhaso ngaphansi kwemikhakha eyahlukene okubalwa umkhakha wezomnotho emphakathini,umkhakha wezinkulisa zabantwana,Ezemidlalo Kanye neZesimo Senhlalo.
Ongusihlalo kahulumeni aphinde abeyinhloko yabantu ngaphansi KaMasipala iTheku uKhansela Nkosenhle Madlala uthe inhloso yalomklomele bekukuthi lomkhandlu ukhombise umphakathi ukuthi imali yabakhokhi bentela yenza okufanele.Wathi bekubalulekile ukuthi kuhlanganiswe zonke lezinhlaka ezisebenzela umphakathi ukuze zizokwazana.
“Loluxhaso selube khona iminyaka emithathu lwasiza abantu abangu-315 njengoba uMkhandlu ususebenzise imali engango-R 16.9 Million ukuqhuba loluxhaso.Kuyasijabulisa ukuthi uMasipala ulekelele lezinhlangano ezisebenzela umphakathi ,lokhu kunomthelela omuhle ezimpilweni zezakhamizi, ” kubeka uMadlala.
Izinhlangano ziyaxhuswa ukuba zifake izicelo zoxhaso lwe-Grant-In-Funding lwangonyaka ka-2024/2025,njengoba ukufakwa kwezicelo sekuvuliwe kuzoze kuvalwe ngomhlaka-15 July kulonyaka.Ukuthola incwadi yokufaka isicelo umphakathi ungavakashela ku-www.durban.gov.za bese bethumele [email protected].