UNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo,Ezobuciko Namasiko KwaZulu-Natal uDkt Ntuthuko Mahlaba uphumele obala ngokungagculiseki ngabahleli bemicimbi kanye nabengamela izindaba zokuphathwa kwamaciko ngokwenzela phansi lomkhakha wobuciko.
UMahlaba ubethula inkulumo kwingqungquthela yokudingida ezothuthukiswa kwezemidlalo nezobuciko,ebibanjelwe eMusgrave Hotel eThekwini,NgoLwesine womhlaka-23 May.
“Omunye wabaculi abancane wangitshela ukuthi wayeqashwe kwimicimbi emningi eyahlukene kodwa ngesikhathi esebuyela ekhaya wanikezwa ilomuntu owayemphethe imali engango-R50 000, lathi leliciko uma libuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi lithole imali encane kanjena balitshela ngesivumelwano abasicikica phansi.Lento iyenzeka nakwezemidlalo abantu abaphethe izindaba zabadlali zokubafunela amaqembu babuye bebaqole abadlali bebasayinise imibhalo abasuke bengayiqondi,” kusho uMahlaba.
Eqhuba lomholi wexwayise abaculi Kanye nabezemidlalo ngokuthi bengazicikici izivumelwano abangaziqondi ngoba buningi ubuqili obenzakalayo kulomkhakha abakuwo.Wathi abahleli bemicimbi abayeke ukusebenzis’amandla Kanye namagama abaculi ngendlela engafanele.
UNgqongqoshe uveze ukuthi abahleli bemicimbi uma bethumela izicelo zoxhaso kuMnyango kahulumeni babhala izimali ezinkulu abasuke bethi bezokhokhela ngazo amaciko.
” Uma sebekhokhela amaciko bakhipha imali encane ngendlela emangalisayo,maciko ningavumi kudlalwe ngani sukumani nivikele isithunzi senu, laba abenza lento basebenzisa uxhaso lukahulumeni ukufeza izinhloso zabo nezihlobo zabo” kusho uDkt Ntuthuko.