Wednesday, March 18, 2026

UKhansela Lushaba Uhola Uhambo Lokuhlola Ukuqhubeka Kwamaphrojekthi ku-Ward-26

Date:


uKhansela Sbusiso Lushaba we-ANC uhole uhambo lokuhlola amaphrojekthi okuvuselela ingqalasizinda ngaphakathi kwewadi yakhe, ehamba nekomidi le-Ward kanye nesigugu sekomidi langaphakathi esiphezulu se-ANC kwi ward. Inhloso yalolu hambo bekuwukuhlola inqubekela phambili, ukubona izinselelo, nokukhuthaza ukusebenza ngendlela ewusizo emphakathini.
Uhlelo luqale ngokuvakashela izakhiwo ezindala ezisogwini lwaseThekwini, kuhlanganisa i-112 Mahatma Gandhi Road, Rond Vista, ne-007 Building. Lezi zakhiwo ziyingxenye yesu likamasipala lokuvuselela idolobha ukuze lihambisane nezinga lamazwe omhlaba, likhange abatshalizimali futhi lithuthukise izimo zokuphila.
Imisebenzi iyaqhubeka nasezindaweni ezifana neVictoria Park (Corridors of Excellence), iRivertown Precinct, uMtapo Wolwazi waseThekwini (EML), iMansel Market, kanye neSikole Sezokuthutha Kolwandle. Lawa maphrojekthi agxile ekudaleni amathuba emisebenzi, ukweseka amabhizinisi amancane (SMMEs), kanye nokuthuthukisa ukufinyelela kwezinsizakalo.
“Umphakathi kumele uhlomule ngokugcwele kule misebenzi. Akufanele kuhlomule abambalwa kuphela,” kusho uKhansela Lushaba. Uqinisekisile ukuthi ukuvuleka kolwazi, ukuxhumana okuqhubekayo nezakhamizi, kanye nokubambisana yizinto eziyisihluthulelo sempumelelo.
Ukuhlolwa kwamaphrojekthi kuzoqhubeka njengenxenye yesifiso sokwakha umphakathi ozinzile nowaziyo okwenzekayo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Unikele Ngo R100 000 000 Emnyangweni Wezenhlalakahle Usomabhizinisi WaseMhlanga

Kukhombisa izithelo ezinhle ukuqala kwenqunquthela yezinsuku ezimbili yomnyango wezenhlalakahle...

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...
×