I-GOVTECH 2025 IZOVEZA IKUSASA LEMIPHAKATHI KWEZOBUCHWEPHESHE

Date:

Ukulinda sekuphelile, Ngemuva konyaka lapho i-GovTech conference ingabangakhona, okushiye abaningi befuna ulwazi olusha ngezobuchwepheshe, lo mcimbi wezobuchwepheshe nolidelwe kakhulu uyabuya ngokusemthethweni kuMandulo ka- 2025. Lo mcimbi uthembisa ukuba wumhlangano omkhulu, ozoletha izinto ezizoshintsha ezobuchwepheshe emiphakathini, amabhizinisi amancane, kanye nentsha enethemba KwaZulu-Natal naseningizimu ye-Afrika yonkana.

Ngonyaka odlule, lo mcimbi wezobuchwepheshe awubanga khona, nokwashiya abantu bemangele, nokudumala okukhulu. Kusukela kubafundi, abantu abasha kanye nosomabhizinisi abasafufusa, abafuna amathuluzi angcono aku-inthanethi, nokwazi ukuthi bazilungiselela kanjani ikusasa ledijithali nokukhombisa izindlela.

UMnu Africa Maphalala, we Kasi APP Solutions, Siwubheke ngabomvu lomcimbi wakulonyaka, “Kwakukhona isifiso esikhulu sokuqonda nokuthola amathuluzi amasha ebhizinisini. Ukungabikhona kwalo bukiso ngonyaka ondlule kube nemithelela kumina negebe. Ngoba bengiya minyaka nyonke nesikole ngiyofunda okusha ngomkhakha wezobuchwepheshe. Yingakho ukubuyela kwalo kubaluleke kakhulu ngoba isithuthuka ngolwazi nemimphakathi yethu.”

Okulindelekile kungaphezu Kokuzijabulisa, Kuya Emphakathini

I-GovTech 2025 kulindeleke ukuthi ingabi nje ukudlalisa ngezinto zobuchwepheshe ezikhazimulayo. Ibhekwa njengesikhathi esibalulekile sokuxoxa ngokuthi ubuchwepheshe bungaluxazulula kanjani inkinga nsuku zonke futhi lwenze amathuba abonakalayo.

Abantu bomphakathi kanye nosomabhizinisi bendawo bangalindela ukufunda ngezinto ezifana nalezi: Ukunqonda ukusebenza kwe-Artificial Intelligence nokukhombisa ukuthi ingasetshenziswa kanjani amabhizinisi amancane. Ukuvikeleka nekusasa Lezinsiza Zedijithali kanye namakhono ekusasa.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...

Ukhale Wamuka Nomngani Oxoshwe ngomlayezo ka  Whattapp

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini...

Seziqalile Izinxoxo Zokubhunga Ngokukhulisa Umnotho

Sonto Lezimboni le-SADC (SADC Industrialisation Week) liwumcimbi omkhulu wale...

Amazulu Anqobe Iminyaka Ilandelana Kowesifundazwe.

Iqembu i-AmaZulu FC linqobe iPremier's Cup ka-2026 ngemuva kokushaya...