Breaking News

OWE-RISE MZANSI UDALULE IZINGQINAMBA EZICINDEZELA UMNOTHO WAKULELI

1 0

Uveze izinkinga ezikhahlameza isimo somnotho waseNingizimu Afrika umholi wenhlangano yezepolitiki i-Rise Mzansi. Lokhu kwenzeke ngesikhathi leliqembu lizethula ngokusemthethweni kwabezindaba eCoastlands Musgrave,eThekwini, NgoMsombuluko womhlaka-29 January.

Okuseqhulwini kuleliqembu ukulungisa izinkinga ezibhekene nemindeni kanye nezinkinga ezibhekene nomphakathi. UMholi we-Rise Mzansi kuzwelonke uMnu Songezo Zibi uthe akusilona iqiniso ukuthi kunzima ukulungisa umnotho wakuleli.

“Okokuqala kuyabiza ukuthenga ugesi nakuba kunjalo kusekhona ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga,uma ungakwazi ukulungisa inkinga kagesi ngeke ukwazi ukusimamisa umnotho wezwe ngoba kunamabhizinisi avalwayo ngenxa yokuhamba kukagesi.” Kusho uSongezo.

Eqhuba uZibi uthe kumele kulungiswe ingqalasizinda yenkampani yakwaTransnet ngoba iwumgogodla wezwe uma kuziwa kwezokuthuthwa kwempahla.Wathi kumele kubhekwana ngqo ngokudlanga kobugebengu kuleli nathe kudalwa isimo sendlala abantu ababhekene naso ngenxa yokweswela amathuba omsebenzi.

“Amanzi angezinye zezinkinga esibhekene nazo lapha eMzansi,ngeke usakhe isizwe esiyaphambili ngaphandle kwamanzi,lokhu kusho ukuthi kufanele kushintshwe ingqalasizinda yamanzi.Ukungaqeqeshwa ngamakhono omsebenzi kwabantu abasha abaphumelele umatikuletsheni kepha bangakwazi ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme,kanti ucwaningo luveze ukuthi nalaba abagcine bengenile ezikoleni zemfundo ephakeme khona ingxenye egcine ingaziphothuli izifundo zayo” kusho uZibi.

USongezo uthe kubalulekile ukuqhuba ipolitiki yokunika abantu ithuba beveza izidingo kanye nemibono. Lomholi uveze ukuthi ingxenye yezakhamizi zakuleli sezikhathele amaqembu ezombusazwe ngenxa yokuthi abaholi awo bahlezi bethinteka ezinsolweni zokwenza inkohlakalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *