Breaking News

Muntu omusha ungena ngaphansi kwaliphi iqoqo

0 0

Abantu abasha sebaziwa njengentsha okuthiwa ilahlekile, phecelezi “Lost Generation” njengoba impilo abayiphila namuhla isikhathi esiningi ifakana eweni. Eyakudala intsha ithi indlela yayibuzwa kwabaphambili. Umuntu omdlala kunawe nguye osedlule kuzona zonke izigabazempilo itsha yesimanje uthi uma uyiluleka ikutshele ukuthi ngangingekho ebusheni bakho.

Njengoba intsha yanamuhla isihlukene izigaba ezine uke uzibuze ukuthi wena ungena kusiphi isigaba noma uhlobo? Phela kukhona uhlobo lokuqala, abathanda ubumnandi. Yebo kuhle ukuthi ubuye uzijabulise nabanye abantu kodwa akulungile ukuthi weekend to weekend awutholakali ekhaya kodwa ulokhu wenyuka nezimoto kuyiwa emakilabhini nasezi nkwarini. Kunentsha yesibili evele iphilele ukufuqana nezidakamizwa izihlalele emakhoneni. Lolu hlobo luphuma luhi luya esikoleni kanti phinde, emakhaya lizifunela imali yokuthenga izidakamizwa. Okubuhlungu wukuthi umuntu usuke ethathe imali yokugcina kamzali wakhe osuke ethembe ukuthi izobuya umausuqede izifundo zakho wathola nomsebenzi. Uhlobo lwesithathu yilolu hlobo olutholakala phansi naphezulu nezincwadi zesikole noma lutadisha mihla namalanga, okubi ngalolu hlobo wukuthi luwuvanzi kodwa futhi yilona oluphumelelayo empilweni. Kuhle ukuthuthukisa impilo yakho iye phambili kunebheke emuva ngoba vele noma ngabe wenzani akusoze bakuthande bonke abantu. Oluwuvalauhlobo yilolu okuthiwa ngo “minenhle”abatholakala phansi naphezulu emgwaqeni bephelezela naphezulu emgwaqeni bephelezela abaya ezikoleni, abanye abathola besagqoke izingubo zokulala emini kabha bemi emgwaqeni beqevuzana nezindaba zabantu bengahlanzile ngisho nasezindlini zasemakubo. Okumnandi ngemfundo wukuthi ayikhulelwa kanti ibekana ezingeni ofunaukuba kulo, uma ungafundile uyohlupheka, uma ushiya isikole uyosebenza umsebenzi ongawufuni ngoba kudingeka uMatric kulo owufunayo. Umaufundile uzibeka emathubeni okusebenza endaweni oyithandayo, ube umqashi Kanye nokuthokozela isikhathi osichithe ufunda

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *