Izindlu Ezingu 1000 Zezisulu Ezakhahlanyezwa Zikhukula Sezikulungele Ukuhlala Ngaphambi kuka June

Date:

UMeya weTheku, uKhansela uCyril Xaba, uthi usekholwa ukuthi izinhlelo zedolobha zokwakhela abantu abahlukunyezwa izikhukhula izindlu seziyaphothulwa, kanti kulindeleke ukuthi kube nezindlu ezingaphezu kuka-1 000 ezizobe sezilungele ukuhlala kuzo ngaphambi kukaJuni kulo nyaka.

U Xaba uveze lokhu Kade evakashele  iphrojekthi yezindlu eCornubia, lapho okwamanje kwakhiwa khona izindlu ezingaphezu kuka-113, okuyingxenye yezindlu ezingaphezu kuka-1 200 ezihloselwe ukuhlalisa imindeni eyahlaselwa yizikhukhula.

Uthe izindlu eziyi-103 kulindeleke ukuthi ziphothulwe ekupheleni kukaNdasa kulo nyaka, kanti ezinye zizophela ngonyaka wezimali olandelayo.

ITheku lihlela ukwakha izakhiwo zokuhlala zesikhashana (Temporary Residential Units) ezingaphezu kuka-400 ukuze kuhlaliswe labo abahlala ezindaweni zokuhlala eziphuthumayo nasemakamu esikhashana ngesikhathi kuqhubeka ukwakhiwaI kwezindlu eCornubia.

“Kukhona nenqubo eqhubekayo yokulungisa kabusha izakhiwo zokuhlala ezingaba ngu-500 eMontclair Lodge. Ngiyethemba ukuthi ngaphambi kukaJuni sizobe sesinezindlu ezingaphezu kuka-1 000 esezilungele ukuhlalisa abantu abahlala ezindaweni zokuhlala zesikhashana,” kusho uMeya uXaba.

Uthe ngesikhathi kuqhubeka ukwakhiwa kweCornubia, uMasipala usephinde washeshisa ukuxhunywa kwezinsiza eziyisisekelo njengamanzi, indle nogesi ukuze labo abazohlala kulezi zindlu bakwazi ukungena ngaphandle kokubambezeleka.

UMeya uveze ukuthi le phrojekthi izosiza kakhulu ekwehliseni ubunzima abantu ababhekene nabo ngemuva kokudilizwa noma ukulahlekelwa yimizi ngenxa yezikhukhula.

Ngaphezu kokuhlalisa izisulu zezikhukhula, iphrojekthi yaseCornubia ihlanganisa nezinye izigaba zokuhlalisa umphakathi okubalwa kuzo izindlu zokuqashisa (social housing), izindlu zeRDP kanye nalabo abafanelekela uxhaso lokuthenga ikhaya lokuqala.

Kulindeleke ukuthi iphrojekthi yonke yaseCornubia ikhiqize izindlu ezicishe zibe ngu-25 000.

Njengengxenye yokuthuthukiswa kwengqalasizinda, uMasipala uphinde wakha imigwaqo ukuze kusekelwe uhlelo lwezokuthutha zomphakathi. Sekwakhiwe nezinye izikhungo zomphakathi okubalwa kuzo isikole, ihholo lomphakathi, izitolo zabahwebi, izinkundla zemidlalo kanye nomtholampilo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...