Lukhishwe ngemizuzu yokugcina uhlelo lokuqokwa kweMeya yoMkhandlu weTheku emhlanganweni walo Mkhandlu obanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini namuhla.
Ekhuluma nabezindaba uSomlomo walo Mkhandlu uMnuz Thabani Nyawose uthe kuyiqiniso ukuthi bebehlele ukuba lwenziwe namuhla mhlaka 25 June uhlelo lokubekwa kukameya omusha, kodwa kubenezingqinamba ezenze lolu hlelo lugcina seluhoxiswa.
“Ngenxa yokuthi asikwazanga ukuthola i-Independent Electoral Commission (IEC) ukuthi izosingatha ukuqokwa kwemeya sibe sesiphoqeleke ukuthi siluhlehlise lolu hlelo lokubekwa kweMeya. Esinye isizathu iMantshi ebizofungisa iMeya, isibikele ukuthi kukhona okuyibambile ngeke iphumelela kulo mhlangano wanamuhla, ” kusho uNyawose.
Eqhuba uthe uzokwenza izinhlelo zokuthi ukubekwa kweMeya kuyenzeka ngenyanga kaJuly.Wathi akafuni lo Mkhandlu uqhube isikhathi eside ngaphandle kweMeya.
Lesi sikhundla sivuleke ngesikhathi kususwa uMnuz Mxolisi Kaunda, othunywe iqembu lakhe i-African National Congress (ANC) kwi-National Council of Provinces, eKapa.