UNgqongqoshe Wezoqashwa neZabasebenzi kuzwelonke uMnu Thulasi Nxesi ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube bethule ngokusemthethweni uhlelo i-Labour Activation Programme,e-Exhibition Centre eThekwini NgoLwesibili womhlaka-16 April.
Ekhuluma uNgqongqoshe uThalusi Nxesi uveze ukuthi ingqinamba ebhekene neNingizimu Afrika ukwentuleka kwamathuba omsebenzi,wathi lokhu kudonsela phansi lelizwe.
“Siyazi ukuthi ukuze kube nomsebenzi kumele isimo somnotho sikhule kodwa ukuze isimo somnotho sikhule kumele kubekhona abatshali zimali okuyibona abakwazi ukukhanda amathuba omsebenzi,kokunye sithi akwenziwe izinkampani ezizimele” kusho uNxesi.
Eqhuba UNgqongqoshe uthe intsha yakuleli ayiqeqeshiwe ngokwanele ngokwamakhono omsebenzi ingakho bewuhulumeni beqhamuke naloluhlelo i-Labour Activation Programm.Wathi loluhlelo luzokwakha amathuba omsebenzi angu-700 000 kanye nezinhlelo ezingu 49 zokuqeqesha intsha kanye nokusimamisa osomabhizinisi abafufusayo.
“Sikubeke eqhulwini ukulwisana nenhlupheko kanye nokwentuleka kwamathuba omsebenzi.Ingakho siqhamuka nezinhlelo ezifana nalezi ezizoletha imisebenzi ehloniphekile emphakathini wakithi” kusho uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Ephawula ngololuhlelo uNks Nonkululeko Mzobe wenkampani yabalimi iNguvane yaseShowe ongomunye wabahlomulile,ugqugquzele abantu abasha ukuthi basukume bazithathe bengawayeki amathuba afana nalawa aqukethwe iloluhelo.”Uhulumeni ukwazi ukukuxhasa uma ekufica kukhona okwenzayo,uma kuvela amathuba anjengalawa kubalulekile ukuthi sisukume sithole ulwazi ngoba kukhona nabanye osomabhizinisi lana kuningi esizokuthola” kusho uNonkululeko.