Kuzoqala Indumiso Kumncimbi Wo UGU Jazz Festival

Date:

Uzokhuphuka ngegiya eliphezulu umncimbi wamaqhathanzipho owaziwa ngokuthi UGU JAZZ FESIVALĀ  kwisifunda saso UGU, okuhloswe ngawo ukukhuthaza amasiko, ezokuvakasha, ukuthuthukiswa komnotho kanye nokubumbana komphakathi. Lokhu kuvezwe ngabahleli bomncimbi ngokubambisana nomasipala UGU.

Lo mncimbi kulindeleke ukuthi uhlanganise osomabhizinisi, amaciko, intsha, izinhlangano zomphakathi kanye nezivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene ukuzobungaza amagugu namasiko abantu bendawo.

Ngokohlelo lwalo mcimbi, kuzobe kunemidlalo yesintu, umculo, imibukiso yobuciko nemisebenzi yezandla, kanye nethuba lokuthi osomabhizinisi bakhangise ngemikhiqizo nezinsiza zabo.

I meya yomkhandlu UGU u S ikhumbuzo Mqadi uthi i-Ugu Festival iyinkundla ebalulekile yokugqugquzela ukukhula komnotho wendawo ngokudala amathuba emisebenzi, ukuheha izivakashi kanye nokweseka amabhizinisi amancane naphakathi.

Umqadi uphinde wanxusanxusa umphakathi ukuthi uphume ngobuningi uyokweseka lo mcimbi, bathi uzoba yithuba elihle lokuzijabulisa nokufunda kabanzi ngamasiko ahlukahlukene atholakala esifundeni sase-Ugu.

Kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe abantu abaningi njengoba usuphenduke omunye wemikhosi ebalulekile ekhalendeni lemicimbi yesifunda, futhi odlala indima enkulu ekuthuthukiseni ezokuvakasha nokugcina amasiko ephila.

Siya Msomi wenkampani weCoolsounds Trading, okunguye ohlela lo mcimbi ngokubambisana noMasipala Ugu, uveze ukuthi uzoqhubeka ukwenza imicimbi eyandulela Ugu, okukhona kuwo imikhuleko, ukuqwala izintaba, ukubona izindawo zokuvakasha.

ā€œSifuna ukuba nesandla ekuthuthukiseni umnotho wamadolobha angakithi esinawo. Amaciko nawo ngesikhathi siwathinta ngale micimbi onke akhombise ukuwuthakasela kuhlanganise nabaxhasi kanye nabantu abafuna ukuba yingxenye yale micimbi. Kuningi esikubekile abazokujabulela abazohambela umcimbi. Sifisa ukubona abantu bazo zonke izigaba zomphakathi behlanganyela kulo mkhosi ukuze sibonise ubuhle bamasiko ethu futhi sikhuthaze ukuthuthukiswa komnotho wesifunda.ā€ Kusho u Msomi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Liyanyuka Izinga Lebhola Esifundazweni

Ama-Playoffs eSifundazwe Ā saKwaZulu Natal e Hollywoodbets kanyaka-2026 aphethwe ngempumelelo...

Umasipala Uthuthukisa Umphakathi Ngokusebenzisa Ezobuchwepheshe

UMasipala weTheku uthi uzosebenzisa idatha (data) ukusheshisa ukulethwa kwezinsiza...

Uyaziqhenya ngomjaho wamahashi okhala ngokungabibikho kwamathuba omsebenzi.

Onqobe kumjaho omkhulu weDundee July 2026, uSiyabonga "Zozo" Mabaso...

Ibandla Likhande Ubudlelwane Nomasipala

Isigameko sokudilika kodonga ebandleni lamaNazaretha eBuhleni Village e Nanda,...