Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Date:

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u smith street, ngolwesibili  lendawo ibesemgangathweni ngesikhathi inhlangano iMarch and March ihola umkhankaso wokuhlanza le ndawo, ngenhloso yokubuyisa isithunzi salo mgwaqo nokudonsela ukunaka ezinselelweni ezibhekene namabhizinisi aseduze ngenxa yokonakala kwendawo.

Lo mkhankaso uhlanganise abantu bomphakathi, abanikazi bamabhizinisi kanye nezishoshovu, abebesebenza ndawonye behlanza imigwaqo, beshanela izindawo ezigcwele udoti futhi besusa ukungcola okunqwabelene ngokuhamba kwesikhathi. Lesi senzo sigqugquzele umoya wokubambisana, kwavela ithemba lokuthi lo mgwaqo ungaphinda ube yindawo ehlanzekile, ephephile futhi eheha amakhasimende.

Nokho, lo mkhankaso ubuphakathi kwesimo esibucayi lapho uMasipala weTheku egcizelele khona ukuthi nakuba umbhikisho onokuthula uyilungelo elivikelwe kumthethosisekelo, kufanele wenziwe ngokulandela umthetho. UMasipala uxwayise ngokuthi akukho muntu noma iqembu elivunyelwe ukuphoqa ukuvalwa kwamabhizinisi noma ukuphazamisa ukusebenza kwawo, waphinde wagcizelela ukuthi noma yiziphi izenzo zodlame, ukwesabisa noma ukulimala kwempahla azinakubekezelelwa.

UMasipala uphinde wachaza ukuthi abahleli bemibhikisho kumele balandele imigudu esemthethweni ngokufaka izicelo ezifanele, besebenzisana ne-SAPS kanye namaphoyisa kaMasipala ngaphansi kwemigomo yoMthetho Wokuqoqwa Kwabantu. Imvume inikezwa kuphela uma zonke izimfuneko sezilandelwe, kanti ukwehluleka ukwenza kanjalo kwenza umbuthano ungabi semthethweni.

Phakathi kwalokhu, umkhankaso wokuhlanza uqhubeke ngokuthula, abantu behlangene bekhombisa ukuzibophezela ekuthuthukiseni idolobha labo. Abathintekayo abathile bathe ukonakala kwendawo sekunciphise ukuhamba kwamakhasimende, okuthinte kakhulu amabhizinisi amancane, kodwa baveze ithemba lokuthi lo mkhankaso ungaba yisiqalo sokuvuselelwa kabusha kwendawo.

Abahleli be March and March bathe inhloso yabo akukhona nje ukuhlanza, kodwa futhi ukufundisa umphakathi ngokubaluleka kokugcina izindawo zasemadolobheni zihlanzekile nokwakha ukuzibophezela okuqhubekayo phakathi komphakathi, amabhizinisi kanye nomkhandlu wedolobha.

Abantu ababambe iqhaza bavumelane nalokho, bethi u Victoria usalokhu iyinhliziyo ebalulekile yezomnotho eThekwini, futhi ifanele ukubuyiselwa esimeni sayo esihle.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Ungqongqoshe Umisa Uxhaso Lwe-EPWP Ethekwini Ngenxa Yokungahambi Kahle Kwezimali

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uDean Macpherson, umemezele ukuthi uzomisa...

Buyaqhubeka Ubudlelwane Phakathi Kahulumeni Nesilo Samabandla.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ube nengqungquthela noNgangezwe Lakhe,...

Oyisekela Likasihlalo Wamakhosi Inkosi U Gumede U Gqamisa Indima Yamakhosi Kwinyanga Yenkululeko

Inyanga ka-Mbasa ihlonishwa njengenyanga yenkululeko, iNkosi u Zwelinzima Gumede...

uNgqongqoshe uTolashe Ugcizelele Ukuthi Izibonelelo Zezingane Ziwutshalomali Lwesikhathi Eside Ekuthuthukiseni Abantu

UNgqongqoshe woMnyango WezokuThuthukiswa koMphakathi, uNokuzola Sisisi Tolashe uhloniphe abafundi...