KUVULE ISIKHUNGO SETHUTHUZELA ESIBHEDLELA IDR. PIXLEY KA ISAKA SEME

Date:

Unqoqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane uvale inyanga yabesifazane ngomkhankaso wokuhlolelwa umdlavuza wesibeletho kanye nokuvula ngokusemthethweni iThuthuzela Care Centre (TCC),eSibhedlela iDr. Pixley Ka Isaka Seme okuyindawo eyodwa ehlanganisa ukunakekelwa kwezempilo, ukwesekwa ngokwengqondo, kanye nezinsizakalo zomthetho kwabasinde odlameni ngemva kokuhlaselwa. Lesi sikhungo sizohlinzeka ngosizo oluphelele kulabo abahlukunyezwayo, Siphinde sisebenzisane nezinhlangano ezingenzi nzuzo phecelezi ama-NGO kanye-NPO asebenzela kakhulu kule ndawo eyaziwa kakhulu ngokwanda kobugebengu , izindakamizwa, kanye nokwada kwamacala e-GBV abikwa cishe nsuku zonke, kodwa amaningi awo awafinyeleli nasemgudwini wezomthetho.

Unqoqoshe Simelane uthe, ukuvulwa kwalesi sikhungo kuyisinyathelo esibalulekile empini yokulwa neGBV, “Lesi sikhungo simele ukubuyiselwa kwesithunzi, ukusindiswa kwezimpilo, nokuthi abasindile bathole ukunakekelwa kanye nobulungiswa okufanele. Kuzoletha nokududuzeka emindenini futhi kuqinise ukubambisana nomphakathi.”Uphinde waphakamise ukukhathazeka ngokwanda kwamacala okuhlukumezeka kwabantwana abesilisa endaweni. “Asikwazi futhi

ngeke sikuvumele ukuthi singenzi lutho mayelana nokwanda kwamacala emiphakathini yethu,” kusho yena”. Ukuvulwa kwe-Thuthuzela Care Centre kuyisinyathelo esibalulekile ekulweni nodlame, kodwa kumele siguquke sibhekane neqiniso elikhona. Wonke umuntu owesifazane noma ingane kufanele ithole ubu lungiswa, isithunzi, kanye nokunakekelwa okufanele, ekuvikeleni impilo, isithunzi kanye namalungelo abesifazane, izingane kanye nezakhamuzi ezibuthaka kulo lonke elaseNingizimu Afrika”. Umholi wehlangano yomphakathi i-KZN CSF Provincial Women Sector uNkk Joyce Nomagugu Msomi, uthe ujabule kakhulu ngokuvulwa kwalesi sikhungo, “Ngijabule kakhulu, Ekugcineni lesi sikhungo sivuliwe emva kwemizamo kanye nokulinda isikhathi eside silindile. Sekuzoba nendawo ephephile yokuthola usizo,ukunakekelwa, kanye nobulungiswa. Ukutholakala kwalesi sikhungo kubonwa njengempumelelo enkulu emphakathini wase INK nokuyinto enikeza ithemba kulabo abahlukunyezwayo kanye nabo bonke abaphila ngaphansi kwegcidezi yobugebengu. UNksz Nomalanga Zondi we Voice of recovery okuyin hlangano engezi nzuzo, uthe lesi sikhungo sizociphisa isikhathi sokuhamba kanye nokuhluku mezeka kwesibili.

Sibonge kunqoqoshe ngokuhlinzeka ngendawo ephephile, nehloniphekile nezonhlizeka ngezinsiza eziphelele ngokwesekwa kwezokwelapha ngokomthetho, okwandisa amathuba okuba abasindile babike futhi bafune ukulungiswa. Ngokombiko wakuleli i-INK ihamba phambili ngobugebengu obuhleliwe, Izinga Lokugwetshwa Kwamacala Ocansi cishe ku-70% ezinkanto lo zezifunda neziphakeme. Emjikelezweni wezi 2023/24, amacala angama-791 aqedwa ngezinga lokugwetshwa elilinganiselwa ku 70.9% ezinkantolo zezifunda neziphakeme. Emjikelezweni wezi 2023/24, amacala angama-791 aqedwa ngezinga lokugwetshwa elilinganiselwa ku 70.9%. Ucwaningo olwenziwe yi-Gen derLinks luthole ukuthi u-36.1% wabesifazane uke wabhekana ne-GBV, kanti u-40.5% wabesilisa uke wahlukumezeka kacane e-KZN. Ukubikwa Okuncane Kudlangile: Bangama-2% kuphela abesifazane abahlukunyeziwe ababikela amaphoyisa amacala abo; abangu-0.7% kuphela abesifazane abadlwengulwe abangebona abalingani ababike lesi sigameko, kanti bangu-0.6% kuphela abathola usizo lwezempilo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bagasele Ebhilidini Elihlala Abokufika Abaholi Be March And March

I lokhu iqhubeke njalo inhlangano March And March nemizamo...

Durban Gears Up for Africa’s Travel Indaba 2026 Under the Theme “Unlimited Africa”

Durban is preparing to host Africa’s Travel Indaba 2026...

Business Fair Showcases The Local Innovation And Growth

The Durban Business Fair (DBF) continues to cement its...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokufukula Osomabhizinisi Abasakhulu.

Bebebhalwe injabulo emehlweni osomabhizinisi abahlomulile kwizindondo zosomabhizinisi abasakhulayo e...