Saturday, March 21, 2026

KUTHULWE ABAKHI BENTUZUMA MALL

Date:

Ntuzuma Mallwetheku wesigceme ku-42 uMnu. Fisokuhle Mngadi, ehamba namalungu ekomiti lakhe, wethule ngokusemthethweni abakhi, umphathi wephrojekthi kanye no-CLO (Community Liaison Officer) abayigxenye yabaholi beNtuzuma Mall. Lomcimbi wenzeke endaweni lapho kuzokwakhiwa khona lemall eNtuzuma G, nalapho izakhamuzi bezibuthene khona ngobuningi kuzobona ngamehlo azo inqubekela phambili yale phrojekthi ekade bayili dela ukuqala kwayo. Sekuphele iminyaka emibili izakhamuzi zilindele lomsebenzi, kanti manje ziye zacaciselwa ukuthi lesi sikhungo siqhamuke kanjani futhi sizoletha inzuzo enkulu emphakathini, ikakhulukazi kulabo abahlaselwa kakhulu ukungasebenzi ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko. UKhansela Mngadi uthe, “Lo msebenzi uzovula amathuba amaningi omsebenzi futhi ushintshe izimpilo zabantu bakithi. Asifuni kube nje indawo yokuthenga, kodwa kube yindawo yokuphila futhi ithuthukise umnotho wendawo yethu.” Omunye welunga lomphakathi,

uVelaphi Masinga uthe ujabule kakhulu ngokuthi iphrojethi ekade ibanjwa manje seyibona intuthuko. “Bekuyiphupho elide, kodwa manje sesibona umsebenzi uqala. Nathi sizothola amathuba emisebenzi futhi izingane zethu zizophila kangcono.” Iphrojethi yeNtuzuma Mall ibhekwa njengendlela yokulwa nezinga eliphezulu lokungasebenzi edaweni, kuyilapho futhi izothuthukisa umnotho, ukudala amathuba amabhizinisi amancane, kanye nokuletha izikhungo eduze kwezindawo zokuhlala

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Ufike Nohlelo  Lokululekwa Kosonhlalakahle U Shinga.

Ungqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal, Mbali Shinga, wethamele umcimbi wokugubha...

Unikele Ngo R100 000 000 Emnyangweni Wezenhlalakahle Usomabhizinisi WaseMhlanga

Kukhombisa izithelo ezinhle ukuqala kwenqunquthela yezinsuku ezimbili yomnyango wezenhlalakahle...

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...
×