Breaking News

ITHEKU NOMLAYEZO OSHUBILE KUMAQEMBU

0 0

Usukhiphe umbandela wokuthi amaqembu ezepolitiki akhiphe izinqwembe zawo zokukhankasela ukhetho uMasipala waseThekwini.Lezi zingqwembe zifakwe kwingqalasizinda yalo Mkhandlu.

Lesi sinqumo sathathwa ngoDecember 2023 emhlanganweni woMkhandlu weTheku.

Ngokwalo mthetho, uma iqembu liqediwe isikhathi esibekiwe lokususwa kwezinqwembe lizohlawuliswa imali engango R1 193 ngonqwembe ngalunye, amaqembu abekele izinsuku ezingu 30 ngemuva kokhetho. Lokhu kusho isikhathi sokuqoqwa kwezinqwembe siyaphela ngomhlaka 30 June 2024.

Ekhuluma ophethe uMnyango wezokukhangisa kuMasipala weTheku uMnuz uSagren Naicker uthe amaqembu ayegunyazwe ukufaka izinqwembe ezingu-800 ngewadi.

“Uma izihlangano zihluleka ukususa izinqwembe, uMasipala uzowasusa bese uwafakela icala ngokwesibalo sezinqwembe, ” kusho uNaicker.

IMenenja yeTheku uMnuz Musa Mbhele, uveze ukuthi isikhathi sokhetho sesidlulile, izinqwembe zokukhankasela ukhetho kumele ziqoqwe.

“Silawulwa izinqumo ezathathwa emhlanganweni woMkhandlu odabeni lokususwa kwezinqwembe. Lokhu kuzosiza ekugcineni idolobha lethu lihlazekile, njengoba lezi zinqwembe zigcwele izigxobo ezinye zilenga, “kusho uMbhele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *