IMojos eDavenport yengeze ukudla okusha kwi menu yabo.

Date:

IMojos eDavenport isiphakamise izinga ngokwethula imenu entsha yeShisa Nyama, okuwukwengeza okusha ezinsizeni zayo ezivele, zidume ngomoya omnandi nowokwamukela. Lokhu kuvezwe ngu uChris Ngema waseMojos eDavenport ngesiskhathi ethula I menue entsha.

Injabulo ibibhalwe emehlweni ukuthi le menu entsha izoletha ushintsho olukhulu. “Sifuna ukuthola ukuthengiswa okwengeziwe lapha eDavenport, ngakho siyabamema bonke abantu ukuthi beze bezobona umehluko. Izinsiza zethu zisezingeni eliphezulu kanjalo nokudla,” kusho u Ngema.

Unksz Nkosazana Zah Mzilikazi, ongomunye wabaphathi beMojos eDavenport naseMayville, ubonisa ukuzimisela okukhulu nokungesabi ukungena ezindaweni ezivame ukubhekwa njengezabesilisa. Uthi lokhu kuthuthukisa indlela abantu ababuka ngayo ibhizinisi.

“Lapha abantu bazothola izitashi ezahlukene ongazihlanganisa nenyama yakho, kusukela ku-uphuthu, ipapa, kuze kufike esgwaqaneni nasechakalakeni. Kukhona nemifino kanye nezinhlobo eziningi zenyama kanjalo izimbambo(ama-ribs), i-T-bone steak, inyama yenkomo, inyama yengulube, isibindi kanye newors, kokubili okubabayo nokungababi,” kusho yena uNkosazana.

Ukuthunyelwa kwemenu entsha kuyisinyathelo esikhulu sokugcina iMojos ihamba phambili ekuletheni okuhlukile kubathengi. Ngaphezu kokudla, indawo isazohlala inikezela ngomoya wokuzijabulisa, indawo yokuzithokozisa nabangani, kanye nezinsizakalo ezingaphansi kwelogo yenkampani ethembekile.

IMojos ibheke phambili ekubeni indawo edume kakhulu eDavenport nezungezile, lapho ukudla okuhle, umoya omnandi ohloniphekile kuhlangana khona ukudala isipiliyoni esingakholakali.

IMojosi iyindawo yokuncebeleka kanjalo Nokuzijabulisa ekulungele ndlela zonke ukwamukela izivakashi zabo endaweni yabo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...

Ukhale Wamuka Nomngani Oxoshwe ngomlayezo ka  Whattapp

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini...

Seziqalile Izinxoxo Zokubhunga Ngokukhulisa Umnotho

Sonto Lezimboni le-SADC (SADC Industrialisation Week) liwumcimbi omkhulu wale...

Amazulu Anqobe Iminyaka Ilandelana Kowesifundazwe.

Iqembu i-AmaZulu FC linqobe iPremier's Cup ka-2026 ngemuva kokushaya...