Ngemuva kwezinhlekelele ezidalwe umoya onamandla owawuhambisana nemvula enamandla ohlasele isifundazwe iKwaZulu-Natal ngoMsombuluko mhlaka 3 June ntambama,mningi imindeni eyakhahlamezeka.
Isifunda sikaMasipala Amajuba esiholwa iMeya uKhansela uMntwana uNdabuko Zulu ngokuhlanganyela nabakwa Red Cross Society, uMnyango wezinhlekelele no-Eskom bahambele Osizweni, eNewcastle NgoLwesithathu mhlaka 10 July, ukuyonikela ngokudla nezimpahla zokulala emindenini engu-100 ekhahlamezekile ngenxa yale nhlekelele.
“Umphakathi uzokwazi ukuthola okuya ngasethunjini izinsiza zokulala ngoba sazi ukuthi zalimala izinto zabo ngesikhathi kunomlilo. Sikhathazekile siwuMasipala ngokuthi izinhlekelele sezijwayele ukuthi zihlasele unyaka nonyaka, kumele sishintshe nathi siwuMasipala sibhukule sibuke izindlela esingazisebenzisa ukulekelela abantu bakithi,”kusho uZulu.
Eqhuba uthe udlulisa amazwi okubonga kwabaka Red Cross Society ngosizo lwabo. Wathi ukuthokozele ukubona umphakathi ujabulela ukuthola izipho.