Breaking News

I-IFP NEZINHLOSO ZOKUTHUTHUKISA IZIMPILO ZABASENINGIZIMU AFRIKA 

1 0

Icele ukwethenjwa ngabantu baseNingizimu Afrika Inkatha Freedom Party (IFP) ngenxa yokwehluka kwamanye amaqembu ezombusazwe. Lokhu kushiwo uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa ngesikhathi ethula umqulu wezethembiso zaleliqembu zokhetho, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium eThekwini, NgeSonto lomhlaka 10 March. 

Sekuwumlando ukuthi bekunezinkulumo ezithi abalandeli be-IFP ngeke bayigcwalisa lenkundla, njengoba iMoses Mabhida stadium ibigcwele phama.

Phakathi kwezinto ezisemqoka INkatha ethembisa ukuzilungisa: ukulwisana nobugebengu, ukunqanda ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane,ukudala amathuba omsebenzi, ukwehlisa izindleko zempilo, ukuqeda ukucishwa kukagesi, ukuhlonipha amakhosi,ukuqinisa imithetho wokungena kuleli kanye nokulwa nenkonhlakalo. 

Ethula iNkulumo uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa uthe kuyashaqinisa ukuthi ngemuva kweminyaka engamashumi amathathu elakuleli lathola inkululeko, kepha namanje abantu bakuleli basathwele kanzima, ngenxa yezingqinamba eziningi lelizwe elibhekene nazo. 

“Sifuna ukudala amathuba omsebenzi ngokusebenzisana namabhizinisi amancane kanye namakhulu, sizokwenza umthetho ezobophezela izinkampani ukuthi ziqashe abantu baseNingizimu Afrika abangu-80%, ngoba sibeka abantu bakuleli phambili. Sizophuca abantu bokufika kuleli abanezitolo ezingekho emthethweni sizibuyisele kubantu bakithi inhloso yethu ukuthuthukisa izimpilo zabantu bakuleli” Kusho uHlabisa. 

Eqhuba uMengameli waleliqembu uveze ukuthi uma bengadla umhlanganiso okhethweni elizokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May, I-IFP izimisele ngokuqinisa umthetho wokungena kuleli, ikhala ngokwanda kwezibalo zabantu abavele emazweni angaphandle abalapha eNingizimu Afrika ngokungekho emthethweni. 

“Sifuna kufakwe ezobuchwepheshe besimanje okuzoba ingxenye yokulekelela imincele engena lapha ezweni lethu. Asilwisana nabantu abavela emazweni angaphandle futhi asinazo izinhloso zokubaxosha , kepha siyabona ukuthi kukhona abantu abalapha eMzansi Afrika ngokungekho emthethweni, ibona laba abenza ubugebengu bokushushubisa izidakamizwa, ukushushubisa abantu besifazane nezingane.Bantu bakithi sicele nisethembe njengoba nesiqubulo sethu sisho, ithina kuphela esibeka izimpilo zabantu bakuleli phambili, siphinde sibenomlando wokwenza izinto ezibonakalayo ” Kusho uVelenkosini. 

Okuphinde kwagqama kulomqulu ukuvulwa kwesikhwama esizobhekelela abaneziqu zemfundo ephakeme kodwa abangasebenzi.Lesikhwama sempesheni yabaneziqu sizokunikeza umfundo ngamunye imali engango-R3000 ngonhloso yokusiza abafundi ukuthi bekwazi ukufuna imisebenzi noma ukusungula amabhizinisi abo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *