ABADAYISI basemgwaqwe ni basola umkhandlu weTheku Enye inxenye yezindawo zabandayisi ezigenazo izindlu zangasese. Umthwebuli wezithombe- Phumzile Mkhungo. nabahamba ngezinyawo ufi ca bebuza kuthina indawo yangasese, bese sibayalela amabhakede, nomnikelo ka R2 womfana ozocitha. Kusho uZulu. Ngokungabakhathaleli njengaba hhwebi abase mthethweni nabasebenzela esikhumulweni samabhasi emakethe. Laba badayisi basolo lomkhandlu ngokubavalela izindlu zangasese kanye nezindawo zokuhlala, bebe bekhokha njalo izimali zezimvumo zokudayisa kuMkhandlu. UNksz Nokuthula Zulu, onetafula lokundla, uthe “Sekuphele iminyaka emibili ngisebenzisa ibhakede njengendlu yan gasese. Bahlala kuwona lamabhakede baphinde bawasebenzise njengendlu yangasese, yize lokhu kungahambisani nemthetho yezempilo. UMnu Bulelani Mboqo ongumdayisi, ubeke wathi “Sibhale izincwadi sibika KuMasipala, kwaphela sona isilungu, ngoba bezithola izindlebe ezithule. Kulendawo awukho ugesi, amanzi asinawo, nezindawo zokuhlala asinazo kanye nezindlu zangasese azikho kodwa siyazikhokha. T hina Asinakiwe, ngisho nezinsiza zomphakathi ezazisebenza ngaphambilini kule ndawo seza phelelwa yisikhathi. Bayazihlanze la izindawo abasebenzela kuzona, ukuzivikela ban gangenwa yizifo. Lenkinga ifaka wonke umuntu ngoba Silahlekelwa yinzunzo ngoba indawo abasebenzela kuyona incolile, kuyanuka abantu bayayigwema ukuhamba ngakuyona, ok wenza thina njengabadayisi silahlekelwe abathengi kanye nemali.
Omkhulumela uMasipala weTheku uGugu Sisilana, uyavuma izinselelo ababhekene nazo “Kunenkinga enkulu yokungabi namakhaya kanye nokucekelwa phansi irenki, kanye nezindlu zangasese, okuholele ekuvalweni kwez indawo zangasese ngenxa yenkinga yenkontileka ne-eThekwini Transport Authority (ETA). Lokhu ngeshwa kuholele ukuphazamiseka okuqhubekayo kokungcola. Kodwa-ke, ukulungiswa kophahla, olwalinyazwa umlilo, sekuqaliwe kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngasekuphele ni kukaJuni,” kusho u-Sisila na. Abadayisi Baphethe ngokucela umkhandlu ubuyisele ngokushesha inqalasizinda nokuphepha, nesithunzi sabo ngoba sibalulekile, futhi angeke besakwazi ukulinda izixazululo zesikhathi eside.

Enye inxenye yezindawo zabandayisi ezigenazo izindlu zangasese. Umthwebuli wezithombe-Phumzile Mkhungo