USUPHENDUKE IKHAYA LOMUNTU UMTHOLA MPILO WASEMOLWENI

Date:

Izakhamuzi zaseMolwe ni ku -Ward 9 zifuna usizo oluphuthumayo lokukhipha isigora sendoda esiqhwage nomtholampilo wabo. Lomtholampilo okuwukuphela kwawo endaweni, usuphenduke ikhaya lomuntu ongowesilisa oneminyaka engu-23 ubudala. Lo mlisa, kusolwa ukuthi “wangena wahlala” kule ndawo kaMasipala ngoJulayi 2021, wayenza ikhaya lakhe, kwathi bona abahlali basala bengenayo indawo yokuthola usizo lwezempilo. “Sibekezelile, kodwa manje sengathi siyajeziswa,” kusho uNozipho Zondi, omunye wabahlali. “Ogogo, izingane, nabesifazane abakhulelwe abanandawo abaya kuyo. Sekuyinhlekelele.” Isimo sibe sibi kakhulu ngoMashi 2025, ngesikhathi umfundi obenza u-Matric ewela umfula kanti amanzi maningi, okwamenza wawa ngobuso walimala, kwading eka usizo olusheshayo lokuqala, alutholakalanga ngoba umthol ampilo awukho. Ilapho-ke abahlali banquma ukubheka emsakazweni, kanye nasemaphepheni ukuyofuna usizo. Abahlali bathi lo mfana oneminyaka engu-23 bayamusaba kabi, futhi usabisa kwasani, nozama ukumubuza ukuthi kungani ehlala endaweni yezempilo. “Sikhalile kwaba yize. Asikaze sithole impendulo kuMasipala noma ku Hulumeni Wezempilo,” kusho uZondi. uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal uthe, bebe ngakezwa ngalolu daba, kodwa bazolu phenya kabanzi loludaba. Abahlali bazolinda emakhaya nezisebenzi zezempilo uze umyango unqende uphenyo, ithole nemiphumela yalolusizi lomtholampilo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzothuthukiswa Ezobuchwepheshe Ekukhishweni Kwezitifiketi Zezikweletu Kumasipala

UMasipala waseThekwini usuzokwethula uhlelo olusha olubizwa ngeRevenue Clearance System...

McDonald’s Offers Customers The Opportunity To Enjoy Special FIFA World Cup Meals

As anticipation builds for the FIFA World Cup 2026,...

Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba...

Babe Ngomanqoba Abe Two For Joy FC Kowe Khabba Cup

Iqembu iTwo For Joy FC linqobe iKhabba Cup ka-2026...