Breaking News

AWE-GNU NOMHLANGANO OBUCAYI

0 0

Njengoba amaqembu ezepolitiki okuyi-African National Congress (ANC), Democratic Alliance (DA) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) becikice isivumelwano sokubenza ngaphansi kweGovernment of National Unity (GNU) ngemuva kokuthi lingekho iqembu elathola amavoti angaphezulu kuka 50% kwimiphumela yokhetho kazwelonke.

UMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, umholi weDA uMnuz John Steenhuisen noMengameli we-IFP UMnuz Velenkosini Hlabisa kulindeleke ukuba babenomhlangano namuhla eMahlamba Ndlopfu ePitoli.

Inhloso yalo mhlangano ukuthi laba baholi bedingide ngezinqumo eziwumhlahlandlela, lokhu kuthinta ukuqokwa kwekhabhinethi ezosebenzisana noMengameli wezwe.

Lo mhlangano umqoka ngoba uzophinde ucacise ukuthi iGNU iyaphumelela noma iyahlakazeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *