Bagculisekile ngokunqoba izindondo zethusi abashayisibhakela besifazane abebemele iNingizimu Afrika ngaphansi kwenhlangano yesibhakela i-South African National Boxing Organisation(SANABO) emqhudelwaneni iMandela African Boxing Cup ebihlelwe i-African Boxing Confederation (AFBC) ngokubambisana nenhlangano i-International Boxing Association (IBA).Lomqhudelwano ubuse-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, kusukela NgoLwesithathu womhlaka-17 April waphuthulwa NgeSonto lomhlaka-21 April.
Labashayisibhakela besifazane uNtandayenkosi Ncube (21) kanye noNtandandoyenkosi Msweli (19) kanti bobabili badabuka endaweni yaseMtuba enyakatho neTheku, baphume indawo yesithathu kulomcintiswano wesibhakela omkhulukazi ,bathola umklomelo wethusi kanye nemali engango-R28 000 umuntu ngamunye.
uNtandoyenkosi Ncube washawa nguNyembo Mjamba Gisela wase-Democratic Republic of Congo empini eyandulela owamanqamu i-Elite women 50-52 kg FLY .”Ngijabule kakhulu ngokuphuma isithathu ngoba angivele ngafika kalula kukhona ababili engabahlula ngaphambi kokuthi ngifike lapha.Kuyangijabulisa ukuthola indondo yethusi nakuba sekunesikhathi ngayigcina sengajwayela ukunqoba indondo yegolidi neyesiliva ngiyayamukela ngoba lomqhudelwano ubumkhulu unamazwe amaningi avele ezwenikazi i-Afrika, ukunqoba indondo kuyinto enkulu kimi.” Kusho uNcube.
Wathi akufunde kulo mqhudelwano wesibhakela omkhulukazi ukuqikelela indlela yokuzivikela ngob’abehluleli bayashesha ukuqeda impi uma uke washayeka kabi ebusweni.Lokhu kwenzeke kuye uNtandoyenkosi (Ncube) ngesikhathi ebhekene noNyembo lapho ijaji liqede impi ngoba libone sengathi ushaye kabuhlungu.
“Bengithi sengikwelinye izinga ngesibhakela kodwa kulomncintiswano ngibonile ukuthi kusekuningi okumele ngikulungise njengoba ngifunde okuningi nakuwe,ezinye zezinto ebengizibheke kakhulu lapha ukuzothola ulwazi olusha ngesibhakela.” kusho uNtandoyenkosi Msweli ngemuva kwempi yakhe ye-Elite Women 67.7 kg light middle no-Dos Santos Alcinda Lucas waseMozambique .
Eqhuba uMsweli uthe ujabule ngokunqoba indondo yethusi kanye nolwazi alutholile kulomqhudelwano,wathi simthokozisile isinqumo sikamehluleli sokuqeda impi yakhe ngoba uDos ubemude nokwenza wangaba nempi embi.