UKUSEBENZA KANZIMA KUZALA IMPUMELELO: STHEMBISO NDLOVU

Date:

UKubona iphupho lakhe leminyaka lifezeka ngemumva kwesikhathi kuyisona Sibusiso esikhulu kunazo zonke. uSthembiso Ndlovu, ongowokuzalwa endaweni yase Msinga kaphansi kwesizwe saMabovu, uthi ngo 2022 ilapho abona khona ukuthi uma uzimisele ngokwenza okuthile akumele kuphela ugcine ngokuphupha kodwa kumnele uvuke uzithathe. uNdlovu ongumklami wenquphu yesintu echume kakhulu emabhinceni uthi ukubona ibhizinisi lakhe lidlondlobala kusho lukhulu kuyena.

“Ngonyaka ka-2022, ngangena endimeni yomsebenzi engangihlale ngiwuphupha — ukuba ngumklami wemfashini. Kusukela ngisemncane, ngangihlale ngifisa ukubona abantu bakithi begqoka kahle futhi behlobe kahle ngezingubo ezithungwe ngezandla zami. Lokhu akukaze kube nje umbono, kodwa kwaba iphupho elingenakufihlwa. Ngaleso sikhathi, ngangazi ukuthi leli iphupho elidinga ukuba wuphawu lwezimpilo zabantu bakithi — ukubanika ukuzethemba, indlela entsha yokubheka izimpilo zabo, futhi ngithole ukujabula ngibona abantu bebahle ngenxa yomsebenzi wami,” kuchaza uSthembiso.

USthembiso, uthi lomsebenzi awumunikanga nje kuphela ukuthula kwenhliziyo, kodwa unginde wamakhela nobudlelwano obusha nezihlobo ezingaphezulu kunalena yena ebekade eyilindele. Uthi ukuthunga inqephu yesintu sekumuvulele iminyango eminingi njengoba kulonyaka ezosebenzisana nomculi kamasikandi uSkweletu

Eqhuba uSthembiso, uthi uma ebheka eminyakeni emihlanu ezayo, uyabona kukhona okukhulu okuzayo. Uthi okungamthokozisa kakhulu ukubona umsebenzi wezandla zakhe uthinta izimpilo zabantu abaningi , okunye uyafisa waziwe umhlaba wonke kungagcini lana eNingizimu Afrika kuphela.

Kuyona konke intsha esikulomkhakha ofanayo noma abangosomabhizinisi, umyalezo wami ulula: asiyithande imisebenzi esiyenzayo. Sigwemem ukuxuba impilo emnandi nokwakha ikusasa lethu. Ubumnandi abupheli asizishiye phansi izinti ezizosicekela phansi, sibheke nibheke ezintweni ezizokwakha impumelelo yethu. Mina ngiphila ngephupho lami, futhi ngiyakholelwa ukuthi nathi sonke singathola impumelelo uma siphikelele phambili.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...