Breaking News

I-NACOL IZOVOTA NEQEMBU LE-ARA

1 0

Amaqembu ezepolitiki amash’acikice isivumelwano sokusebenzisana njengoba kuyiwa okhethweni lukaZwelonke olozokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May. Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba ebesisingethwe eBlue Waters Hotel eThekwini, NgoLwesibili womhlaka 14 May.

Laph’okuvele khona ukuthi iqembu le-National Community Liberation elethulwe ekuqaleni kwalonyaka(2024) lizovotela i-Africa Restoration Alliance (ARA) okhethweni lukaZwelonke.

UMengameli we-NACOL uMnu Muzi Hlophe uthe bekunzima ukuthatha isinqumo sokuthi inhlangano yabo ingalungeneli ukhetho.Wathi isigungu salelliqembu esiphezulu ngokubambisana nezinhlaka zimiphakathi, bathatha isinqumo sokusebenzisane namanye amaqembu ezombusazwe.
“Ekugcineni siphethe ngokuthi sisebenzisane nenhlangano i-ARA. Bekungekho lula ukuthatha isinqumo ngeqembu esizosebenzisana nalo,siqale sabuka ezinto ezithile okufaka umlando waleloqembu, izimiso, ubuholi kanye nemigomo ye-ARA, sabona kuyiqembu elingcono ukuthi sisebenzisane nalo” Kusho uHlophe.

Ephetha lomholi uthe lokhu kusebenzisana okuphakathi kwalezinhlangano akumele kucekele phansi ukuzimela ngokwehlukana kwalamaqembu. Wacacisa nokuthi ukuvota ndawonye kuzophela ngosuku lokhetho lwakulonyaka kepha ubudlelwano phakathi kwalamaqembu busazoqhubeka.

“Sivumelene ngokuthi sisebenze ndawonye ne-NACOL ngoba iyiqembu elihloniphekile, kanti nemigomo yabo iyahambisana neyethu” Kusho uMengameli we-ARA uDkt uJerome Swartz.

Eqhuba uSwartz uveze ukuthi bazosebenzisana ezifundazweni ezimbili iKwaZulu-Natal(KZN) kanye nase-Eastern Cape (EC), Wabonga uMengameli we-NACOL ngokuthi becikice isivumelwano sokuvota ndawonye.

Ephetha lomholi uthe lokhu kusebenzisana okuphakathi kwalezinhlangano akumele kucekele phansi ukuzimela ngokwehlukana kwalamaqembu. Wacacisa nokuthi ukuvota ndawonye kuzophela ngosuku lokhetho lwakulonyaka kepha ubudlelwano phakathikwalamaqembu busazoqhubeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *