Breaking News

ACIKICE ISIBOPHEZELO SOKUZIPHAKAHLE AMAQEMBU EZEPOLITIKI

1 0

IKhomishini eyangamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) esifundazweni iKwaZulu-Natal isingathe umhlangano wokucikica isivumelwano mgomo sokuziphatha ngendlela efanele kwamaqembu ezombusazwe ngesikhathi sokhetho lukazwelonke olukuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May.

Lomhlangano obuhanjelwe ngabaholi bamaqembu ezepolitiki ubuse-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini,NgoLwesithathu womhlaka-17 April.Phakathi kwemigomo ebekwe i-IEC eqondisa ukuziphatha kwamaqembu, uthi zonke izinhlangano zepolitiki kumele zihloniphane zibekezelelane.Lokhu kusho ukuthi kumele amaqembu eyeke isihlamva sokususelana izingqwembe zokukhankasa.Wonke amaqembu anelungelo lokukhankasa kuyona yonke indawo ngaphandle kokuphazanyiswa.

Iphephandaba Inkundla Yezindaba libenengxoxo ekhethekile nabaholi bamaqembu ezombusazwe ngenhloso yokuthola uvo lwabo mayelana nalemigomo ye-IEC.

USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango uthe ngeke asho ukuthi kuzokuba nokhetho olunokuthula nobuqiniso ngenxa yokuthi beyiqembu i-ActionSA babhekene nenkinga yokukhishelwa izingqwembe zokukhankasela amavoti eThekwini kanye nakwaNongoma.

“Ngiyathemba ukuthi abaholi abakade belapha ukuzosayina isibophezelo somgomo wokuziphatha okunokuthula,bazofika bewufake lomgomo kumaqembu abo ngoba kuzoba yizeleze ukuza lapha uma lomthetho ungeke ugcinwe” kusho uMncwango.

Eqhuba lomholi uthe nakuba ekuveza ukuthi mancane amathuba okuthi kubenokhetho olunokuthula ngoba kunamaqembu epolitiki asebenzisa imali kahulumeni ukuqhuba umkhankaso wawo.”KwaNongoma kwiSifunda sikaMasipala iZululand ngesikhathi ukunomcimbi wokunizekela ngezindlu emphakathini wakwaMadlakazi eSiphambanweni ngaphakathi nangaphandle kwetende kwakunamaflegi eqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP)” kusho uZwakele.

Ephawula ngalomhlangano uMnu uChristopher Pappas we-Democratic Alliance (DA) uthe ubona sengathi isifundazwe iKwaZulu-Natal sesikulungele ukuba nokhetho olunokuthula nolungachemile .Wathi nakuba lesifundazwe sinomlando wokungabekezelelani kwamaqembu ezombusazwe kepha sesingcono kunakuqala.

“Akusiyona into entsha lena yokususelana amabhodi okukhankasa ,amaqembu amancane hlezi ekhala ethi kunamaqembu abehlisela izingqwembe ngisho nazo izinhlangano ezinkulu zihlezi zisho ukuthi zikhishelwe amabhodi.Umthetho ulula mangabe kunesigameko esikanje amaqembu kumele ethule ubufakazi kwabomthetho kanye nasezinkatolo ngoba ukukhuluma ngendaba yokukhishelwa ibhodi ubufakazi bungekho kuyinkinga,izingqwembe zingasuswa umoya noma inkomo ishayise isigxobo kuwe ibhodi” kusho uPappas.

Ephetha lomholi we-DA ugqugquzele izinhlangano zepolitiki ukuthi njengoba sezicikice lesibophozelo sokuziphatha kumele ziwugcine lomgomo ukuze iNingizimu Afrika izoba nokhetho oluvuna intando yeningi.Wathi ufisa wonke amaqembu ekwazi ukukhankasa ngendlela enokuthula engaphazamisani ,uma kukhona abaphula imithetho yakwa-IEC kumele kubikelwe abengamele umthetho.

USihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Ntuli uveze ukuthi njengeqembu le-IFP basicikicile isibophezelo mgomo esigqugquzela ukuziphatha kahle kwezinhlangano zombusazwe ukuze kube nokhetho olunokuthula nolungachemile. Lomholi uthe uyathemba ukuthi wonke amaqembu abeyingxenye yalengqungquthela azoshintsha indlela yokuziphatha ikakhulukazi ukuqeda isihlamva sezindawo ezithathwa njengezingangenwa amanye amaqembu ezepolitiki ngoba zithathwa njengezizinda zezinhlangano ethile.

“Njengendawo yaseKokstad engivinjwe kuyo ukuthi ngiyokhankasa njengomholi we-IFP.Siphinde sathola ukuthi KuMasipala waseDumbe ophethwe iqembu le-National Freedom Party (NFP) izingqwembu zeqembu lethu zikhishiwe ,siyazi ukuthi lenkinga yokukhishelwa amabhodi sibhekene nayo nalapha eThekwini kanye nakwezinye izindawo” kusho uNtuli.

Eqhuba uThamsanqa uthe uyathemba ukuthi njengoba amaqembu esayine lesibophezelo azozimisela ekuhlonipheni yonke imigomo nemibandela yokhetho.

Ephawula ngalesibophezelo mgomo sakwa-IEC esicikicwe ngamaqembu ezombusazwe uNobhala we-National Freedom Party (NFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal uNks uZodwa Mtshali uveze ukuthi uyajabula ngesinyathelo esithathwe ngabakwa-IEC kukhombisa ukuthi bafuna kube nokhetho olunokuthula. Wakhala ngamaqembu athatha imali kaHulumeni ebhekela imikhandlu,izifunda kanjalo nezifundazwe ayisebenzisele umkhankaso wokuheha amavoti ezinhlangano zawo.UMtshali uthe uyathemba ukuthi ngemuva kokusayinwa kwezibophezelo mgomo yakwa-IEC amaqembu azowuyeka lomkhuba.

“Thina sinemfundiso ethi ingqalasizinda kahulumeni ayikhethi bala lamuntu,ayikwazi ukuba namehlo indlu,ayikwazi ukuba namehlo indlu yangasese ukuthi kwasibanibani angikwazi ukuyakhona,thina sazi ukuthi ingqalasizinda ifanele wonke umuntu” kusho uZodwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *