Breaking News

OWE-DA UFUNA KUQINISWE EZOKUPHEPHA ENINGIZIMU AFRIKA

3 0

UMholi we-Democratic Alliance (DA)KwaZulu-Natal uMnu Francois Rodgers uphakamise eyokuthi kuliwe nobugebengu ngoba buxosha abatshali zimali kudale nokwentuleka kamathuba omsebenzi. Lokh’ukusho ngenkathi kunesithangami sabezindaba se-DA NgoLwesibili womhlaka 26 March, e-Onomo Hotel eThekwini. 

Kulesithangami leliqembu belizokwethula ngokusemthethweni amalunga ayo asemethubeni okuyobamela ephalamende likazwelonke kanye nakusishayamthetho sesifundazwe iKwaZulu-Natal mangabe leliqembu lithola izihlalo okhethweni elizokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May kulonyaka. 

Ekhuluma uRodgers uthe balandele imigudu emide ngesikhathi befuna amalunga abo azobamela ephalamende ngenxa yokuthi bebefuna ukuthola abaholi abaqonda iqhubomgomo yeqembu. 

“Kumqulu wezethembiso esawathula emphakathini uqukethe izinto abantu abakhathazeke kakhulu ngazo, ukubaphezulu kwezinga lobugebengu,ukwentuleka kwamathuba omsebenzi kanye nenkinga yamanzi nogesi” Kusho uRodgers.

Eqhuba uFrancois uthe bafuna iNingizimu Afrika ikubeke eqhulwini eyokuphepha emiphakathini yakuleli. wathi indawo engaphephile ihlaselwa ububha ngoba osomabhizinisi abaningi bayabeleka kuyo waze walinganisa ngeTheku, ebika ukuthi abatshali zimali bayabaleka eThekwini bafudukele eKapa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *