Breaking News

BAYALELWE UKUBUYELA EMSEBENZINI ABOMKHANDLU WETHEKU

7 0

UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uNKK Nomusa Dube-Ncube ngokuhlanganyela noMeya KaMasipala waseThekwini uMnu Mxolisi Kaunda banxusa bonke abasebenzi baloMkhadlu abayingxenye yesitelekela esiqhubekayo ,ukuthi babuyele emisebenzini.

 Lokhu kuvele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ebesibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli, International Convention Centre (ICC) eThekwini, NgoMsombuluko womhlaka-4 March. 

Kulandela ukuqubuka kwesiteleka sabasebenzi abangaphansi kwenyunyana i-South Africa Municipality Workers Union(SAMWU) esithathwa njengesingekho emthethweni, esaqala NgoLwesibili womhlaka-27 February.ukubakhona kwalesiteleka sekushiye iTheku lingcolile, njengoba udoti ungaqoqiwe, ukuphazamiseka kwezidingongqangi zomphakathi okuthinta ugesi kanye namanzi ezingxenyeni zaloMasipala kanye nokuphazamiseka komnotho. 

 Ekhuluma esithangamini sabezindaba uNdunankulu wesifundazwe uveze ukuthi lombhikisho unobungozi ngoba ufaka izimpilo zabasebenzi encupheni kanye nezimpilo zamalunga omphakathi. 

Eqhuba uNcube uveze ukuthi ayikho incwadi yomqulu oqukethe izikhalo zalabasebenzi edluliselwe kuMasipala iTheku. 

“Sizohlangana ne-SAMWU ukuze sithole ukuthi kwenzakalani njengoba yayiveze ukuthi ngeke sisaqhubeka isiteleka, siyamangala uma sibona abasebenzi bengakabuyeli emsebenzini ukusho ukuthi lesiteleka sisaqhubeka” Kusho uNomusa.

 Ephetha uNdunankulu uthe bonke abasebenzi abathintekayo ekucekeleni kwengqalasizinda bazobhekana nengalo yomthetho njengoba uMasipala usuvule icala ngenxa yalombhikisho, waluleka bonke abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzini ngoba ngeke bakhokhelwa bengasebenzi (no work, No pay).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *