Ukutholakala kwamanzi ahlanzekile kubantu kanye nokuqinisekisa ukuthi omasipala bayakwazi ukuhlinzeka imiphakathi ngezidingo zamanzi kube ngenye yezinto ezigqanyiswe engqungqutheleni i-AWISISA Africa and Global South ebibanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini.
Le ngqungquthela ihlanganise izikhulumi ezahlukene ezivela emkhakheni wezamanzi nokuthuthwa kwendle, ngenhloso yokudingida izinselelo ezibhekene nokuhlinzekwa kwamanzi kanye nezindlela zokwenza ngcono izinsiza ezitholwa yimiphakathi.
U Dumi Luthuli oqhamuka kwa-Water and Sanitation Services South Africa, oveze ukuthi umsebenzi wabo uhlanganisa ukuhlinzeka ngamanzi amaningi (bulk water) komasipala abasebenza endaweni yaseZululand kwisifundazwe saKwaZulu Natal.
“Nqiyaqinisekisa ukuthi amanzi ahlanzekile ayafinyelela kubantu, baphinde babhekane nezinselelo eziba khona ukuze kungaphazamiseki ukuhlinzekwa kwamanzi emiphakathini”. Kusho u Luthuli
Kwabanye abayinxenye yenkomfa u-Itumeleng Mosala, oyilungu lebhodi lakwaMagalies Water, ochaze ngomsebenzi walesi sikhungo ekuhlinzekeni ngamanzi kanye nokusebenzisana nomasipala ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.
Uchaze kabanzi ngomsebenzi kaMagalies Water kanye nomthelela wawo ekuqinisekiseni ukuthi amanzi ayafinyelela emiphakathini eyahlukene.
Le ngqungquthela ibe yithuba lokuthi ababambiqhaza babelane ngolwazi, baxoxe ngezindlela zokubhekana nezinselelo zamanzi nokuthuthwa kwendle, kuphinde kubhekwe izindlela zokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwalezi zidingo ezibalulekile kubantu.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
