HomeEzempiloUkhala Ngesifunda UMkhanyakude Ngesifo Sikamalaleveva

Ukhala Ngesifunda UMkhanyakude Ngesifo Sikamalaleveva

Uveze ukuthi uMnyango wezempilo usuqalile uhlelo lokufutha kule ndawo ngaphambi kwesikhathi sikaZibandlela, olukulawula omiyane.

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, ugcizelele ukubaluleka kokuqhubeka nokufuthwa kwezindawo minyaka yonke ngenhloso yokuvikela nokunqanda ukubhebhetheka kwesifo sikamalaria kwi hlangano yongqongqoshe bezempilo nalabo ababhekelele i-HIV/AIDS obuse-Durban International Convention Centre (ICC).

Uthe isifunda sase-Umkhanyakude singesinye sezindawo ezidinga ukunakekelwa kakhulu ngenxa yokuba khona komiyane abasabalalisa imalaria.

USimelane uthe kubalulekile ukuthi iKwaZulu-Natal isebenzisane nazwe lase Mozambique kanye ne-Eswatini ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufuthwa kwenzeka ngesikhathi esisodwa, njengoba omiyane bengayihloniphi imingcele yamazwe.

“uma iKwaZulu-Natal ifutha kodwa la manye amazwe engafuthi, omiyane bayakwazi ukuwela baye kwezinye izindawo bese bebuya nesifo”kusho u Simelane.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular