U Ngqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, ubambe umhlangano nezikhulu eziphezulu zoMnyango wezeMfundo kanye nabamele izinkampani eziphethe amaphrojekthi engqalasizinda yezikole, ngenhloso yokuqinisa ukuziphendulela nokusheshisa ukuqedwa kwamaphrojekthi ezikoleni.
Lo mhlangano ugxile ekuthuthukisweni kwezindlu zangasese ezikoleni, ekulungisweni kwezikole ezilinyazwe yiziphepho kanye nokwakhiwa nokuvuselelwa kwezinye izakhiwo zemfundo.
U-Hlomuka uthe ukubambezeleka kwamaphrojekthi kunomthelela omubi ekufundiseni nasekufundeni, ikakhulukazi ezindaweni lapho abafundi besabhekene nokushoda kwezidingo ezifanele ezikoleni.
Ucele osonkontileka ukuthi basebenzise isikhathi samaholidi ezikole ukusheshisa umsebenzi wokwakha, ukulungisa nokuvuselela izakhiwo, ukuze kungaphazamiseki ukufunda uma kuvulwa izikole.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuqinisa ukuqashwa kwamaphrojekthi, ukubekwa kwezikhathi ezicacile zokuqedwa komsebenzi kanye nokuziphendulela kwabo bonke abathintekayo.
“uMnyango uzobeka eqhulwini amaphrojekthi aphathelene nempilo nokuphepha kwabafundi, ikakhulukazi izindlu zangasese nezikole ezilinyazwe yiziphepho”. Kusho u Hlomuka
UHlomuka uthi uMnyango uzoqinisekisa ukuthi izinsiza ezikhona zisetshenziswa ngendlela efanele ukuze amaphrojekthi asheshe aqedwe ngaphambi kokuqala konyaka wesikole ka-2027.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
