U Jacinta Ngobese-Zuma ongumsunguli wenhlangano I March And March, ufuna kuvulwe amacala kuboshwe abokufika okusolwa ukuthi bavotele okhethweni besebenzisa ama-pasiphothi.
UNgobese-Zuma uthi uthole izingcingo ezibika ngezinsolo zokuthi abokufika abahlanu bavote ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo iDurban Girls High School kanye neDurban City Hall, eThekwini.
Uthi phakathi kwabantu okusolwa ukuthi bavotile kukhona nowesilisa waseNigeria obenezincwadi zokuhamba zalelo lizwe (Nigerian passport).
Ogaqele esokuba ngumeya EThekwini oqhamuka kwiqembu le -ActionSA, uZwakele Mncwango, uthe akwamukelekile ukuthi abokufika bavote njengoba lokho kungaholela ekutheni izwe libe nohulumeni ongakhethwanga izakhamuzi zalo.
“Uma izwe liqhubeka nokuvumela abokufika ukuthi bavote, lizogcina selinohulumeni okhethwe ngabokufika esikhundleni sokukhethwa ngabantu bakuleli.” kusho u Mncwango.
uTeresa Nortjie, ogaqele ukuba yikhansela lakwa wadi 28 ngaphansi kwe-ActionSA, naye ukuqinisekisile ukuthi kukhona abokufika abebezama ukuvota besebenzisa ama-phasiphothi.
Inhlangano eyengamele ezokhetho i Independent Electoral Commission ibingakaqinisekisi ngali zinsolo.
https://vt.tiktok.com/ZSpN2tqmC
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
