Kulindeleke Ukuthi Iqale Ukusebenza I Go!Durban

Date:

U mkhandlu wedolobha ITheku uthuthukisa ezokuthutha zomphakathi ngokusayinwa kwesivumelwano sokusebenzisana nezinhlaka zezokuthutha mayelana nomzila uCorridor 3 (C3), kanye nokwethulwa kwebhasi leGo!Durban.

Lesi sinyathelo sihlose ukuqinisa ubudlelwano phakathi kukahulumeni kanye nabemboni yezokuthutha ukuze kwakhiwe uhlelo lwezokuthutha kubagibeli.

Umzila uC3 kulindeleke ukuthi uxhume imiphakathi ezindaweni ezahlukene zamathuba ngokwenza ngcono izinsiza zezokuthutha, iziteshi zamabhasi, ulwazi lwabagibeli, izindlela zokukhokha kanye nezokuphepha.

U Sodolobha womkhandlu weTheku, uMusa Mbhele, uthe amabhasi eGo!Durban kulindeleke ukuthi aqale ukusebenza ngoZibandlela. Uveze ukuthi sekuyisikhathi sokuthi abantu baseNingizimu Afrika nabo babone intuthuko kwezokuthutha efana naleyo esivele ikhona kwamanye amazwe, okubalwa neChina.

UMandla Gcaba uzwakalise ukubonga ngokuthi ekugcineni uhlelo lweGo!Durban seluyafezeka, wathi luzoletha intuthuko enkulu emkhakheni wezokuthutha esifundazweni.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

ITheku Liqokelwe Ukusingatha Ama-Olympic Nama-Paralympic ka-2036/2040

UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, usemukele...

Lusaqhubeka Uhlelo Lokuhlomulisa Izisulu Zango 2022

Imindeni engaphezulu kwekhulu (100) eyalahlekelwa yimizi ngesikhathi sezikhukhula ezinkulu...

Izikole Ezakhele I Theku Zibambe Iqhaza Kuhlelo Lokuhlanza Nokuvuselela Imfucuza

UMasipala weTheku wethule uhlelo olubizwa nge-“Divert Waste for My...

Banethemba Lokukhulisa Amabhizinisi Ngezinqunquthela Zokucobelelana Nabamazwe

Umasipala womkhandlu weTheku uyaqhubeka nokuqinisa amathuba amabhizinisi endawo okufinyelela...