Imindeni engaphezulu kwekhulu (100) eyalahlekelwa yimizi ngesikhathi sezikhukhula ezinkulu ezahlasela isifundazwe saKwaZulu-Natal ngo-2022 isithole izindlu ezintsha eCornubia, eThekwini, kulandela ukwethulwa ngokusemthethweni kwesigaba sokuqala sohlelo lokwakhiwa kwezindlu nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngokubambisana nobuholi besifundazwe.
UMengameli uRamaphosa ubephelezelwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli, emcimbini wokwethulwa kwalolu hlelo okuhloswe ngalo ukubuyisela isithunzi nethemba emindenini eyasala dengwane ngenxa yezikhukhula ezadala umonakalo omkhulu ngo-2022.
Abanye abebekhona kubalwa uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uThembi Simelane, iPhini lakhe uTandi Mahambehlala, uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uSiboniso Duma kanye neMeya yeTheku uKhansela uCyril Xaba.
Imindeni ethole izindlu iveze ukujabula kwayo ngekhwalithi yezindlu esezinikezwe zona, yathi lezi zindlu ezintsha zisezindaweni eziseduze nezikole, izinxanxathela zezitolo, imitholampilo kanye nezindawo zezimboni, okuzokwenza impilo ibe lula uma iqhathaniswa nesikhathi ebihlala ngaso ezindaweni zokukhoselisa isikhashana.
UMengameli uRamaphosa uthe izikhukhula zango-2022 zashiya imindeni eminingi ingenalutho, kwadingeka ukuthi uhulumeni uyinike izindawo zokukhosela zesikhashana ngaphambi kokuthola izixazululo ezihlala njalo.
Uthe lolu hlelo aluhlosile nje ukwakha izindlu kuphela, kodwa wukwakha imiphakathi ehlanganisa izindawo zokuhlala, izikole, imitholampilo, izitolo kanye nezokuthutha ukuze abantu bakwazi ukuphila impilo engcono.
UNdunankulu uNtuli uthe lolu hlelo lubuyisa ithemba ngekusasa eliqhakazile futhi lubuyisela isithunzi kubantu abalahlekelwa yikho konke ngesikhathi sezikhukhula.
Isigaba sesibili salolu hlelo, esihlanganisa ukwakhiwa kwezindlu ezingu-145, naso sethulwe kanti kulindeleke ukuthi lezi zindlu ziqedwe mphakathi nonyaka ka-2027. Sekukonke, kulindeleke ukuthi imindeni engu-460 ibe isithole ngokusho kuka mongameli wezwe.
Uhulumeni uthi usazimisele ukuqinisekisa ukuthi yonke imindeni eyathinteka kulezi zikhukhula ithola indawo yokuhlala ehloniphekile, eseduze nezidingo eziyisisekelo okubalwa umtholampilo kanye nezikole namathuba emisebenzi.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


