Bathole uqeqesho Lokuthuthuka Kumabhizinisi Okupheka KwaMashu

Date:

Osomabhizinisi abasebenza emkhakheni wokudla bagqugquzelwe ukuthi basebenzise amathuba atholakala ngokuxhumana nabanye osomabhizinisi, ukushintshisana ngolwazi nokwakha ubudlelwano obungabasiza ekukhuliseni amabhizinisi abo.

Lokhu kuvele ngesikhathi kuqhubeka iGastronomy Conference, ebambisene ne-INK Tourism, lapho osomabhizinisi bethole ithuba lokuthuthukisa amakhono abo okuphatha amabhizinisi okudla nokuqhamuka nezinhlobo ezintsha zokudla endaweni yokuncebeleka i kwa Mkhize Rooftop KwaMashu.

U Futhi Sibiya, ongusihlalo we-INK Tourism aphinde abe ngumsunguli we Ezweni lounge, unxuse abanikazi bamabhizinisi ukuthi babambe iqhaza ezinhlelweni zalolu hlobo, bagxile ekuxhumaneni nabanye osomabhizinisi, bashintshisane ngemibono futhi bakhe ubudlelwano obungavula amathuba amasha emabhizinisini abo.

Uthe ukuxhumana nokwakha ubudlelwano phakathi kosomabhizinisi kubalulekile ngoba kungabasiza ukuthi bafunde komunye nomunye, bathole amathuba okusebenzisana futhi bathuthukise amabhizinisi abo.

URaymond Mhlanga, ongusomabhizinisi futhi obengumqeqeshi we-I Gastronomy Masterclass, ugxile ekubalulekeni kokuba namakhono okuphatha ibhizinisi lokudla, kanye nokuqhamuka nezinhlobo ezintsha zokudla ezingadonsa amakhasimende. “kuneminye imithetho okumele ilandelelwe uma ungumuntu ophethe ukudla. Ukuqinisekisa ezokuphepha ekhishini kuyinxenye yokulandela umthetho ngoba kuyenzeka uboshwe. Ezinye zezinto ezibalulekile ekhishini ukufaka izicishamlilo ukuqinisekisa yonke into ime ngendlela.” kusho u Mhlanga.

Lolu qeqesho luhlose ukuhlomisa osomabhizinisi ngolwazi namakhono angabasiza ukuthi bathuthukise imikhiqizo yabo, bathole amakhasimende amasha futhi bakhulise amabhizinisi abo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Uyaqhubeka Umkhankaso Wokuzivikela Ngocansi.

I-AIDS Healthcare Foundation (AHF) South Africa, ngokubambisana nezinhlaka ezinye,...

Kubungazwe Ususuku Lwe National Emergency Medical E Nanda

UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ubungaze usuku lomhlaba wonke olubizwa...

Bathembise Imali Engango-R124,576 Billion KZN, Kuzodalwa Imisebenzi Engu-207,468

UNgqongqoshe Wezokuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo uMfundisi uMusa Zondi...

Bashiyelane Inkundla Ngemisebenzi Yesayensi Abafundi

I-South African Environmental Observation Network (NRF-SAEON) ibambe inkomfa yezikole...