I-South African Environmental Observation Network (NRF-SAEON) ibambe inkomfa yezikole ebizwa nge-Blue Schools Conference e-Aha Gateway Hotel, e-Umhlanga, ngenhloso yokukhuthaza ukufundwa kwesayensi kanye nokuthuthukiswa kolwazi lwezemvelo kubafundi.
Le nkomfa ihlanganise abafundi abangu-50 abavela kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika, abathole ithuba lokwethula nokukhombisa amaphrojekthi abawenzile ahlobene nesayensi kanye nezemvelo.
UMqondisi Ophethe we-South African Environmental Observation Network, uDkt Ashley Naidoo, unxuse othisha nabafundi ukuba baqikelele futhi banake kakhulu uma befaka izicelo zokungenela lo mncintiswano. Uveze ukuthi ukungalandeli izimfuneko nokunganaki imininingwane ngesikhathi sokufaka izicelo kungaba ngesinye sezizathu ezenza abanye abafundi bangakhethwa ukuba babambe iqhaza emncintiswaneni, yize sebezihambile izinhlelo zokuqeqeshwa.
U-Dkt Naidoo ugcizelele ukubaluleka kokuthi abafundi nothisha bakusebenzise kahle ukuqeqeshwa abakutholayo, baqinisekise ukuthi izicelo zabo zigcwaliswe ngendlela efanele, futhi balandele yonke imigomo ebekiwe ukuze bakwazi ukuncintisana namathuba atholakalayo.
Lo mcimbi uphinde wanikeza abafundi ithuba lokwabelana ngemibono, ukukhombisa amakhono abo kanye nokufunda kwabanye abafundi abavela ezindaweni ezahlukene zezwe.
Umfundi ophume endaweni yokuqala, odabuka eGqeberha, uthole imiklomelo ehlanganisa ithebhulethi kanye nomakhalekhukhwini wohlobo lwe-iPhone, njengokuhlonishwa ngomsebenzi wakhe.
Le nkomfa ibalulekile ekukhuthazeni intsha ukuba ibe nentshisekelo kwisayensi, ocwaningweni nasekuvikelweni kwemvelo, iphinde ivule amathuba okuthi abafundi bathuthukise amakhono abo futhi babe neqhaza ekutholeni izixazululo ezinkingeni ezithinta imvelo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


