Bangaphezulu kuka 20 000 Abase Malawi Ababuyiselwe Ezweni Labo.

Date:

I Meya womkhandlu we Theku uCyril Xaba, uhlole umsebenzi wokuhlanza indawo yaseDrive-In  kulandela ukuvalwa ngokusemthethweni kwale ndawo ebisetshenziswa njengesikhungo sesikhashana sokwamukela nokucubungula izakhamuzi zaseMalawi ebezibuyiselwa ezweni lakubo.

UXaba uncome ukubambisana kwazo zonke izinhlaka ezibe negalelo empumelelweni yalolu hlelo, okubalwa kuzo uhulumeni kuzo zonke izigaba, uHulumeni waseMalawi, izinhlangano ezingenzi nzuzo kanye nezinhlaka zomthetho.

Uthe kuze kube manje sekucutshungulwe kwaphinde kwabuyiselwa eMalawi abantu abangaphezu kuka-20 000 besebenzisa izikhungo zaseSherwood kanye nase Drive-In.

Ukuhamba kwamabhasi amathathu okugcina namuhla kuphawule ukuphela kohlelo lokubuyiselwa kwabantu eMalawi kanye nokuvalwa ngokusemthethweni kwesikhungo saseDrive-In.

UXaba uthe uMasipala wagcina isithembiso owawusenze kubahlali kanye nosomabhizinisi bendawo sokuthi lesi sikhungo sizovalwa zingakapheli izinsuku ezingu-14.

“Sasithembise umphakathi ukuthi indawo izovalwa kungakapheli izinsuku ezingu-14, futhi siyajabula ukuthi leso sithembiso sisigcinile. ITheku liyidolobha eliheha izivakashi, yingakho kubalulekile ukuthi indawo ibuyiselwe esimweni sayo esejwayelekile ukuze iqhubeke nokusetshenziswa ngendlela efanele,” kusho uXaba.

Ukuze kusekelwe lolu hlelo, uhulumeni uthenge amabhasi angaphezu kuka-300, kanti uMasipala weTheku unikele ngamabhasi angu-150 ngendlela yokubuyiselwa kwezindleko.

UMeya uphinde wakucacisa ukuthi ibhasi elibe sengozini eduze kwaseMusina, lapho kushone khona umuntu oyedwa, alizange lisuke esikhungweni saseDrive-In eThekwini.

Njengamanje uMasipala usuqalile umsebenzi wokuhlanza nokubuyisela indawo esimweni sayo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ihlala ihlanzekile, iphephile futhi yamukelekile kubahlali, osomabhizinisi kanye nezivakashi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...

Selidumela Emanstumpeni Ngokwakhiwa Kwenxanxathela Yezitolo E Ntuzuma

Izinguquko ezinkulu zokuthuthukiswa kwendawo ziyaqhubeka eNtuzuma, kuWard 42, ngenhloso...

Kwandiswe Ezokuthutha Kumasipala WeTheku

IMeya yomkhandlu WeTheku uKhansela Cyril Xaba, wethule ngokusemthethweni izimoto...