Umkhakha wezobuciko, amasiko kanye namafilimu eThekwini uthole ugqozi olukhulu ngesikhathi uMkhandlu wetheku unikeza uxhaso lwezimali kosomabhizinisi abangu-28, okuqinisekisa ukuzibophezela kwawo ekuthuthukiseni amakhono abantu abanobuciko, ukulondoloza amasiko kanye nokukhulisa umnotho wobuciko edolobheni.
Lolu xhaso lunikezwe emcimbini obubanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngaphansi kohlelo lwe-Arts and Culture Grant-in-Aid Programme, iMicro Budget Film Fund kanye neFilm Development Fund.
Lezi zinhlelo zihlose ukunika amathuba izinhlangano ukuze zikwazi ukuqhuba amaphrojekthi athuthukisa ubuciko, aqeqeshe amakhono, adale amathuba emisebenzi futhi akhuthaze ukukhula komnotho ngendlela eqhubekayo.
Kusukela kwi samba sika-R100 000 kuya ku-R1.2 million kuye ngobukhulu nephuzu lomthelela wamaphrojekthi avunyiwe.
Abahlomuli bakhethwe ngemuva kwenqubo eqinile yokuhlolwa kwezicelo ezafakwa ngesikhathi kubizwe umphakathi ukuba ufake izicelo zokuxhaswa.
Lokhu kuqinisekise ukuthi uxhaso luye kumaphrojekthi abonisa umthelela obonakalayo emphakathini, ukuqhubeka kwesikhathi eside kanye nokuhambisana nombono kaMasipala wokwakha umkhakha wezobuciko namasiko, ohlanganisa wonke umuntu futhi ophumelelayo.
Usihlalo weKomidi Lezinsizakalo Zomphakathi kuMasipala waseThekwini, uKhansela uZama Sokhabase, uhalalisele abahlomuli wathi umkhakha wezobuciko, amasiko namafilimu ubalulekile ekulondolozeni ifa lesizwe, ekuqiniseni ubumbano emphakathini, ekudaleni amathuba emisebenzi nasekubekeni iTheku njengendawo ehamba phambili kwezamasiko nobuciko.
“Sinxusa bonke abahlomuli ukuthi basebenzise le mali ngendlela efanele, balethe izinhlelo ezinomthelela omuhle futhi baqhubeke nokuletha ushintsho oluhle emiphakathini abayisebenzelayo. Sibona lolu xhaso njengotshalomali kubantu, emiphakathini nakusasa leDolobha lethu,” kusho uKhansela Sokhabase.
Ekhuluma egameni labahlomuli, umsunguli weKwaMashu Community Advancement Projects, uDkt Edmund Mhlongo, ubonge uMasipala weTheku ngokuqhubeka nokutshala izimali emkhakheni wobuciko.
“Siyalubonga uxhaso lukaMasipala. Le mali izosiza izinhlangano ukuthi ziqhubeke nokuthuthukisa amaciko nabantu abanamakhono obuciko, kugcinwe amasiko ethu futhi kudaleke amathuba abalulekile emiphakathini. Lokhu kukhombisa ukuthi uMasipala uyawethemba amandla nomthelela womkhakha wezobuciko,” kusho uDkt Mhlongo.
UMasipala ITheku uthe uzoqhubeka nokweseka izinhlelo eziqinisa umnotho wobuciko futhi unikeze amaciko, abaqophi bamafilimu kanye nentsha enamakhono amathuba okukhula nokuchuma.
Ngalezi zinhlelo zokuxhasa ngemali, uMasipala uyaqhubeka nokutshala izimali kumaphrojekthi anegalelo ekuthuthukiseni umphakathi, ekukhuliseni umnotho nasekuphakamiseni isithunzi samasiko acebile aseThekwini.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

