OwaseMthwalume usungule ikhasi lika Facebook elizoshintsha izimpilo

Date:

Izinkundla zokuxhumana sezizakhele udumo olukhulu kubantu ngezinto eziningi ezingezinhle nezidicilela phansi isithunzi sabanye abantu. Lokhusekuze kwenza umuntu azibuze ukuthi ngabe into ekuthiwa ubuntu isekhona yini emhlabeni. Nokho akusibona bonke abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukudicilela phansi isithunzi okanye benze ubugebengu. Ubufakazi balokhu kugqame ngesikhathi insizwa esencane yaseMthwalume izibophezela ekushintsheni izimpilo zabantu ngekhasi eliqale enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

UGugu Prince Gasa ongumsunguli walelikhasi elaziwa ngokuthi iConsolidated Mthwalume Citizens unetshisekelo yokuguqula isimo sezimpilo zabantu abaningi kulendawo ngokubanikeza izinsiza zasezindlini kanye nokudla kuleyo mindeni entulayo. UGasa uthe indawo yaseMthwalume inabantu abaningi abangakwazi ukususa ikati eziko ikakhulukazi esikhathini samanje njengoba imisebenzi ingekho.

“Intsha iyafunda kodwa imisebenzi ayitholakali kanjalo nabantu abadala abahlala nabazukulu. Ngakho ngibone sikhona isidingo sokuthi ngakhe ikhasi elizokwazi ukuhlanganisa labo abangakwazi ukuphosa esivivaneni ukuze kubekhona imindeni elala idlile”, kusho uGasa

Lelikhasi elikhula ngesivivini esiphezulu lithole ukuxhaswa kakhulu osomabhizinisi kanye nabanye abantu abanesifiso sokusiza ukuthuthukisa izinga lempilo kubantu baseMthwalume. UGasa uveze ukuthi zikhona izinsizwa kanye nezintokazi asebenzisana nazo ukuqinisekisa ukuthi kuleli khasi akudicilelwa phansi isithunzi sabantu futhi alichemi ngokwezepolitiki futhi alicwasi ngokobulili.

UGasa uphethe ngokuthi okubanika intshisekelo yokuqhubeka nalokhu akwenzayo ukuthola izingcingo ezivela ezindaweni ezakhele uMthwalume zifisa ukuthola amacebo kanye nosizo ukuze kuguqulwe isimo sempilo emiphakathini yabo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bakhale Bmuka Nezimoto abezemidlalo Bonyaka Ngoxhaso Lwakwa JOMA

Kube yimpumelelo ukwethulwa kwemklomelo eyahlukahlukene yokuklomelisa abenze kahle emkhakheni...

Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u...

Ungqongqoshe Umisa Uxhaso Lwe-EPWP Ethekwini Ngenxa Yokungahambi Kahle Kwezimali

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uDean Macpherson, umemezele ukuthi uzomisa...

Buyaqhubeka Ubudlelwane Phakathi Kahulumeni Nesilo Samabandla.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ube nengqungquthela noNgangezwe Lakhe,...