Undunankulu Uququzele Umphakathi Ukuba Usebenzise Umhlaba Ngendlela Efanele

Date:

UNdunankulu waKwaZulu-Natal,  uThamsanqa Ntuli, uhole amalungu eKhabhinethi yesiFundazwe ngesikhathi kubanjwe uSuku lweKhabhinethi lwe-Operation Sukuma Sakhe ku Masipala waseMadlangeni ngaphansi kwesifunda i-Amajuba.

Kwizindawo azivakashele uhambele ezinamaprojethi ahlomula kuhulumeni,Lokhu kuyingxenye yomkhankaso wokuqinisa ukuphepha kokudla, uNdunankulu uNtuli uvakashele inhlangano yezolimo yendawo egxile ekutshaleni ubhontshisi, insangu kanye nokufuya onogwaja.

Ekhuluma lapho, uNtuli uthe“Sikhuthaza imiphakathi ukuthi isebenzise umhlaba ngendlela efanele ukuze kuqinisekiswe ukuthi kunokudla okwanele emakhaya. Ukuze kuthuthukiswe ukukhiqizwa kokudla, Ukulethwa kwezithombo kuyisinyathelo esibalulekile ekwandiseni ukukhiqizwa kokudla nasekuthuthukiseni impilo yabantu.” Kusho u Ntuli.

U Ntuli kwinkulumo yakhe ayethule emphakathini ukhale ngokukhulelwa kwezingane ezineminyaka eyishumi, u Ndunankulu ukhumbuze amalungo ophakathi ukuthi umntwana oneminyaka eyishumi usevumelekile ukuthi ahlele umndeni

Umcimbi uphinde wagqanyiswa ukuhlonishwa kwabantu abadala asebephile iminyaka engaphezu kwekhulu, abathole izipho kanye nokudla okumnandi oncamnce. UNtuli ubonge laba badala “Siyanibonga ngokuba ngabagcini bemilando yemindeni, ulwazi lwamasiko namasiko ethu kanye nokuba yimithombo yokuhlakanipha emphakathini.”

Ngesikhathi sohlelo lwe-Operation Sukuma Sakhe, amalungu omphakathi aveze imibono yawo ngezinkinga ezithinta ukulethwa kwezinsiza nenqalasizinda kulendawo. Oyilunga lomphakathi unxuse ukuba uNdunankulu angenelele ekulethweni kwentuthuko efana nokulungiswa komgwaqa kanjalo nokubhekelela abakhubazekile bebekwe eqhulwini makukhona amathuba omsebenzi.

U sihlalo we community police forum esifundazwe u Mabutho Mtshali ukhale ngamasele emfuyo adlangili ngaphansi kwalesi sifunda I Amajuba. “Sekunezinhlaka eseziqeqeshiwe zazezathola izitifiketi kulesisifunda ukuqikelela ukuthi abazitholi sebeboshwa benza okuphambene nomthetho.” Kusho uMtshali. Uphethe ngokuthi banethemba lokuthu kogcina behlile ubugebengu kulesisifunda I Amajuba.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

McDonald’s Offers Customers The Opportunity To Enjoy Special FIFA World Cup Meals

As anticipation builds for the FIFA World Cup 2026,...

Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba...

kwethulwe Ngokusemthethweni Isikhungo Sabafundi Abalungisa Amabhanoyi

Kube usuku olubalulekile emkhakheni wemfundo nokuqeqeshwa kwamakhono ngesikhathi kwethulwa...

Selidumela Emansumpeni Kwisikhungo Esizohlala Abangenamakhaya.

IMeya yomkhandlu weTheku, Cyril Xaba, ithe iyajabula ngenqubekela phambili...