Breaking News

BAHLOMULE NGEZIQU ZOKUPHEKA ABAFUNDI ABANGAPHEZULU KUKA 400 NGO HLELO LE CATHSSETA

0 0

Inkampani iMcDonald’s South Africa (MSA) ngokubambisana ne-Culture, Arts, Tourism, Hospitality and Sport Sector Education and Training Authority (CATHSSETA) ekugubheni usuku olubalulekile lapho kufakwe khona iziqu kubafundi abangu-676 ngempumelelo yohlelo lwabo lwe-Learnership. Lolu hlelo luhlose ukubhekana nenkinga enkulu yokungasebenzi kwentsha ngokubanikeza amakhono abalulekile okusebenza nokubenza bakwazi ukungena emsebenzini. Lolu hlelo luhambisana nohlelo lwe-CATHSSETA

olwaziwa nge-High Impact Programme, oluhloswe ngokunika abantu abangasebenzi ukuqeqeshwa okuhlobene nemboni, nomkhakha wezomupheka. “Lolu hlelo lubonisa

ngokusobala ukuthi ukubambisana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele, ngaphansi kokuqondisa kwe-CATHSSETA, lungakhiqiza imiphumela ebonakalayo nesiqinisekiso esihlala isikhathi eside kubantu abasha. Lokhu kuyisibonelo sokuthi uma umkhakha kahulumeni nowezimboni bebasebenzisana, bangakwazi ukudala izixazululo eziqondile zokulwa nokungasebenzi kwentsha,” kusho Marks Thibela, ongumqondisi omkhulu we-CATHSSETA. I-CATHSSETA izimisele ukuqhubekelphambili nokuveza amathuba aqhubekayo okwakha ikusasa labantu abasha baseNingizimu Afrika.Ngaphansi kwalesi sivumelwano, kuqinisekiswe ukuthi okungenani u-80% wabafundi abaqedele lolu hlelo lonyaka owodwa bazothola imisebenzi I-CATHSSETA ingenye yezinhlangano ezingama-21 ze-SETAs ezasungulwa ngaphansi koMthetho Wokuthuthukiswa Kwamakhono (Skills Development Act No. 97 of 1998), futhi idlala indima ebalulekile ekufezeni uhlelo lwezwe olwaziwa nge-National Skills Development Plan (NSDP) 2030. Ekhuluma emcimbini wokuphothula, uDkt Mamello Masia ugcizelele imiphumela emihle yalolu hlelo ethi “Kubafundi abangu-1,400 abaqeqeshwe, abangu-476 sebeqashwe ngokugcwele eMcDonald’s South Africa. Abangu-658 baphumele ngaphandle behamba bayolandelela imisebenzi yabo emikhakheni ehlukahlukene, kuyilapho abangu-200 benqabile izinhlelo zomsebenzi.

Okubalulekile ukuthi abangaphezu kuka-75% balabo abangasekho kuhlelo manje basebenza ngokugcwele embonini, kanti abangu-1.5% sebezakhele amabhizinisi abo. Lokhu kuveza ukuthi lolu hlelo lube yindlela ephumelelayo yokususa intsha ebuthakathakeni bokungasebenzi luyiyise ekuzimeleni.” U-Dkt Masia uthi njengoba iMcDonald’s igubha iminyaka engu-30 isebenza eNingizimu Afrika, le micimbi yokuphothula iyinkomba eqinile yokuzibophezela kwabo ekuthuthukiseni izidingo zentuthuko yezwe. Ukuqhubeka nokuqeqesha abantu abasha kuyisihluthulelo sokuguqula umnotho wakuleli. Lolu hlelo lusebenza nabahlinzeki bokuqeqeshwa abathembekile abafana ne-Training Force lusebenzise i-McDonald’s SA Hamburger University, okuyisikhungo somhlaba wonke sobungcweti bokuphatha izindawo zokudlela. Lokhu kubambisana phakathi kwe-CATHSSETA neMcDonald’s akuyona nje kuphela ingqungquthela yokuphothula abafundi kodwa kuwukugubha amathuba, ukukhula nokubambisana phakathi kukahulumeni nemikhakha ezimele. “Lolu hlelo lulethe ithemba kubantu, lwabuyisa isithunzi emindenini, lwavuselela ukuzigqaja emiphakathini. Kubaningi, alunikezanga nje umsebenzi kuphela – kodwa lunikeze izwi, injongo, nendawo emnothweni okhula weNingizimu Afrika,” kusho isekela ikanqonqoshe wezemfundo ephakeme kubalwa kuyo namakhono uMartha Gondwe.

U Minenhle Ngobese omunye wabafundi ophothule izifundo zakhe ubonge ithuba lokuba yinxenye ye learnership “ Ngifisa ukudlulisa ukubonga ithuba engilitholile bekungekho lula kodwa ngokuzimisela ngikwazile ukuphothula ngyafisa ukuqhubeka ngisebenze e Mac Donald kodwa ngokwemfundo esengyitholile uma kuqhamuka ithuba ngaphandle ngyolithatha noma ngiqale elami I business. Lelithuba lingisizile kakhulu ngoba bengingasebenzi”. Kusho U Ngobese emuva kokuthweswa iziqu zakhe zokupheka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Instagram
WhatsApp
Tiktok