Ntuzuma Mallwetheku wesigceme ku-42 uMnu. Fisokuhle Mngadi, ehamba namalungu ekomiti lakhe, wethule ngokusemthethweni abakhi, umphathi wephrojekthi kanye no-CLO (Community Liaison Officer) abayigxenye yabaholi beNtuzuma Mall. Lomcimbi wenzeke endaweni lapho kuzokwakhiwa khona lemall eNtuzuma G, nalapho izakhamuzi bezibuthene khona ngobuningi kuzobona ngamehlo azo inqubekela phambili yale phrojekthi ekade bayili dela ukuqala kwayo. Sekuphele iminyaka emibili izakhamuzi zilindele lomsebenzi, kanti manje ziye zacaciselwa ukuthi lesi sikhungo siqhamuke kanjani futhi sizoletha inzuzo enkulu emphakathini, ikakhulukazi kulabo abahlaselwa kakhulu ukungasebenzi ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko. UKhansela Mngadi uthe, “Lo msebenzi uzovula amathuba amaningi omsebenzi futhi ushintshe izimpilo zabantu bakithi. Asifuni kube nje indawo yokuthenga, kodwa kube yindawo yokuphila futhi ithuthukise umnotho wendawo yethu.” Omunye welunga lomphakathi,
uVelaphi Masinga uthe ujabule kakhulu ngokuthi iphrojethi ekade ibanjwa manje seyibona intuthuko. “Bekuyiphupho elide, kodwa manje sesibona umsebenzi uqala. Nathi sizothola amathuba emisebenzi futhi izingane zethu zizophila kangcono.” Iphrojethi yeNtuzuma Mall ibhekwa njengendlela yokulwa nezinga eliphezulu lokungasebenzi edaweni, kuyilapho futhi izothuthukisa umnotho, ukudala amathuba amabhizinisi amancane, kanye nokuletha izikhungo eduze kwezindawo zokuhlala