IPhini likaNgqongqoshe u-Gina wethule irobhothi lokuqala laseNingizimu Afrika lokufundisa elisebenza nge-AI

Date:

IPhini likaNgqongqoshe Wezesayensi, Ubuchwepheshe, Nokusungula, uNksz Nomalungelo Gina, wethule ngokusemthethweni irobhothi eliyingqalabutho lezemfundo eThekwini. Loluhlelo lubizwa ngeIRIS. I-IRIS wuhlelo olusha lukaNkz Thandoh Gumede, ongusomabhizinisi wesifazane waKwaZulu-Natal nongumsunguli weBSG Technologies.

I-IRIS iyirobhothi lokuqala eNingizimu Afrika elakwazi zonke izifundo kusukela ku-Grade R kuya ezingeni lemfundo ephakeme kanye nezilimi ezisemthethweni zakuleli ezingu11. Inhloso yaloluhlelo ukuthuthukisa futhi luzoqinisekisa ukuthi yonke ingane ifanelwe ukuthola ulwazi oluyifanele ngesikhathi esuke elidinga ngaso.

“Ubukhona baloluhlelo i-IRIS idlala indima ebalulekile ekuvaleni igebe phakathi kothisha nabafundi ngokunikeza ithuba kothisha ukuthi bafake umsebenzi bese abafundi bawuqedele, loluhlelo luzobe seluhlaziya umsebenzi wabafundi futhi luhlonze izindawo abadonsa kanzima kuzo”, kusho uThando Gumede. I-IRIS ihlelelwe ukuthi ivuse izingxoxo ngekusasa lokufunda, ivuse ubudlelwano, futhi ivule amathuba amasha okukhula komnotho okuqhutshwa imfundo. Kungeyona yodwa iIRIS ekwazi ukulekelela kodwa nawo uAI (Artificial Intelligence) uyakwazi ukusiza kweminye imikhakha yomhlaba womphakathi kanye nokuthuthukiswa komnotho.

“Siyanxusa abafundi kanye nothisa ukuba balamukele loluhlelo ngoba iyona ndlela ezokwazi ukusiqhuba futhi ikwazi ukusiza ezikoleni kube lula ukufunda kwabafundi nothisha bebone kulula ukuthi bafundise”, kusho uDDG Mbongeni Mazibuko.

Umfanekiso werobhoti lezemfundo libonisa ukuthi lisebenza kanjani.

https://vt.tiktok.com/ZSHGBJau79Esd-fwhTN

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Selidumela Emansumpeni Kuhlelo Lwe Go! Durban

UMeya womkundlu ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uvule ngokusemthethweni i-Eleventh...

Kungenelele Iqembu Lezepolitiki Kolwamanzi.

I-Democratic Alliance ithi uMasipala weTheku kumele uchaze ukuthi kungani...

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...

Bahlabeke Umxhwele Abaningi Kwinkulumo Ye Silo.

ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse amaZulu ukuthi abuyele kakhulu...