USHUBILE UMBANGO WAMAQEMBU EZOMBUSAZWE KWAZULU-NATAL

Date:

Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) linethemba lokubuyisa isifundazwe ebisihole iminyaka eyishumi.Ukulungiselela ukwethulwa kwe-manifesto, leli qembu line-rally eThekwini.

Ilungu le-IFP, uMnuz Sanele Zondi, litshele izinkumbi zabalandeli beqembu KwaMashu, enyakatho yeTheku,NgoMgqibelo womhlaka-17 February ukuthi iqembu elibusayo alihlukile kuhulumeni wangaphambili weNational Party.

UZondi uthe lokhu kubonakala endleleni inhlangano ebusayo ephatha ngayo abavoti.Uthe leli qembu lishiye iningi labantu baseNingizimu Afrika lidla imbuya ngothi.“Awukho umehluko phakathi kukahulumeni we-ANC nombuso wobandlululo owaketulwa ngo-1994,” kwengeza uZondi.

USihlalo waleli qembu esifundazweni futhi ongenele uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, uthe i-IFP iyona nhlangano engahlenga abantu baKwaZulu-Natal kanye nesifundazwe sonkana iphinde iyibuyisele esimweni sayo sakudala.

“Njenge-IFP sinomlando ofakazelwe ekuphatheni okuhlanzekile nasekuletheni ingqalasizinda ebalulekile. Into yokuqala ezokwenziwa yi-IFP uma sesithathe uhulumeni wesifundazwe, sizovuselela iDolobha laseThekwini elihlakazeka ngaphansi kobuholi be-ANC,” kusho uNtuli.Utshele abalandeli beqembu ukuthi iTheku elisebenzayo lilungele umnotho wesifundazwe.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...

Bathemisa Ukuxazulula Izinkinga Zamanzi Ngokushesha

Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene...