Breaking News

UMKHANDLU WASEMTHONJANENI UKLOMELISE ABAFUNDI NEZIKOLE

0 1

Kubeyinjabulo kubazali, othisha kanye nokubafundi ngesikhathi uMasipala uMthonjaneni uhlonipha abafundi abayishumi abaphumelele ngamalengiso ibanga leshumi kanjalo nezikole eziyishumi ezakhiqiza imiphumela emihle kuMatikuletsheni ngonyaka owedlule(2023). Lomcimbi obuhlelwe iloMkhandlu ubuseMthonjaneni enyakatho neTheku, NgoLwesihlanu womhlaka-2 February. 

Inhloso yalomcimbi ukuqhakambisa imfundo njengoba loluhlelo belwenzeka okwesikhombisa kulonyaka.

IMeya kasiMasipala uMthonjaneni uMnu Mbangiseni Biyela uthe imfundo iyisisekelo sempilo esibakulekile ingakho bewuMkhandlu benohlelo kanye nesikhwama esingango-R350 000 sokulekelela abafundi abasuke bephase kahle ukuze bekwazi ukungena ezikhungweni zakwaNgqondonkulu. 

“Siyafisa ukuthi mangabe umfundi esephothulile enyuvesi sibuye simqashe khona lapha eMthonjaneni nakuba singeke sikwazi ukubaqasha bonke kepha siyadinga ukuthatha ingxenye ethile, ukukhombisa ukuthi ngaloluhlelo lwethu lokusiza abafundi nampa abafundi esabayisa enyuvesi babuye bazosebenza lapha” Kusho uBiyela. 

Eqhuba uMeya uthe inkinga abanayo ukuthi kwesinye isikhathi abafundi bayabaflathela uma sebethole loluxhaso ababebesabuya ukuzobika ngokuqhubakalayo , wathi kodwa abekho abakebabuya bakhala ngendlala okusho ukuthi bathola amadlelo aluhlala kwezinye izindawo. 

UBiyela uphinde waveza ukuthi loluhlelo luhambakahle ngoba phambilini lukhiqize odokotela omunye wabo usebenza esibhedlela sakwaMagwaza esingaphansi kwawo loMasipala. 

Umfundi obaqwaqwade emakhanda bonke kuMasipala uMthonjaneni uPhilasande Biyela oneminyaka engu-17 , owaphumelele ngamalengiso ibanga leshumi (Matric 2023) eMthonjaneni Secondary School. Lomfundi uthole umklomelo wesitifiketi, indondo kanye neLaptop. 

“Ngizizwa ngijabule kakhulu, nemizwa yami ixovene angazi noma ngikhale noma ngihleke kodwa khona ngijabule kakhulu” Kusho uBiyela.  

UPhilasande useyisitshudeni saseNyuvesi yaseCape Town lapho enzakhona izifundo ze-Bachelor of Medicine and Surgery. 

Sihlonishwe ngesitifiketi kanye nendondo isikole okwaphumelela kuso bonke abafundi bebanga leshumi bangonyaka owedlule, ogama laso uPhumosizini High School, esiholwa nguthishanhloko uDkt uZakhele Ndaba. 

Sebebonke abafundi abahlonishwe kulomcimbi nabasohlelweni lokuqhutshwa uMasipala uMthonjaneni ukuya ezikhungweni zemfundo ephakeme ilaba: Philasande Biyela obefunda eMthonjaneni Secondary School, Nomkhosi Nsele obefunda eMthonjaneni Secondary School, Senamile Biyela obefunda kwanxusa High School, Musa Magudulela obefunda kwanxusa High School, Kwandokuhle Ntethe obefunda kwanxusa High School, Okuhle Mpungose obefunda kwanxusa High School, Lwandile Ngqulunga obefunda kwanxusa High School, Mvuselelo Biyela obefunda eNhloyana Secondary School, Nsindiso Biyela obefunda kwanxusa High School kanye noKwenzokuhle Mashiyana obefunda eNkosithandile High School. 

Sezizonke izikole ezihlonishwe kulomcimbi ilezi:Phumosizini High School 100%, oBuka High School 97.8%, Nkosithandile High School 96.5%, Kwanxusa High School 93.9%, Manzimhlophe High School 89.7%, Incaphayi High School 87.5%, Cebisa High School 87.1%, Sibekezelele High School 85.4%, Nhloyana High School 83.6%0 kanye neYanguya High School 79.5%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *