Breaking News

UMADUKA USETHEMBELE KUBADLALI ABASEBANCANE

2 0

Umqeqeshi uJohn Maduka weRoyal AM, uthi ujabule ngokuzimisela kwabadlali bakhe abasebancane, benqoba umqhudelwano weKZN Premier’s Cup 2024.

IThwihli Thwahla iqumbe phansi iMaritzburg United ngo 4:3 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokudlala ngokulingana(0:0) esikhathini somdlalo esijwayelekile, ePrince Mangosuthu Stadium Olundi, NgeSonto mhlaka 28 July.

“Abadlali bethu abasebancane bangakwazi ukushinstha isimo sethu sokungakwazi ukusayinisa abadlala.Kuyinkinga ukungavunyelwa ukusayinisa abadlali abasha, kodwa wonke amathemba sengiwabeke kubo abafana abancane,” kusho uMaduka.

Eqhuba lo mqeqeshi uthe ngeke kube lula kwiligi yeBetway Premiership ezoqala kwisizini ka 2024/25.Wathi kuzomele abadlali bakhe bazimisele bazinikele ngokuphelele.

Kule midlalo yeKZN Premier’s Cup iRoyal AM ikwaze ukudlala imidlalo emithathu ingangenelwa goli, kanti leli qembu langenelwa amagoli angu-43 emidlalweni weligi ngesizini edlule ka-2023/24.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *