Breaking News

UKHUZA IBUYA OWE-DUNDEE JULY

1 0

Wethulwe ngokusemthethweni umtelebhelo wamahhashi owaziwa ngeDundee July.

Lo mtelebhelo uzobe ugubha iminyaka engu-19 wasungulwa,ukubuya kwawo kulo nyaka kwethulwe ngoLwesibili mhlaka 2 July emagcekeni oMkhandlu waseNdumeni,eDundee entshonalanga yeTheku.

Kulindeleke ukuthi linyuke igiya lalo mtelebhelo uma kuqhathaniswa neminye iminyaka njengoba no Ngqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal (KZN) osanda kuqokwa uMnuz Mtomuhle Khawula ememezele nezinhlelo abanazo kulonyaka ngawo lomjaho bewumnyango.

“IDundee July inomthelela omuhle ekuthuthikiseni umnotho wakule ndawo, kumele sizame amasu okuthi ikhule kungabi into eyenzeka kanye ngonyaka ngoba iphinde ilekelela uhulumeni ekusimameni komnotho. Kubalulekile ukuthi siwumnyango sibambisane neminye iminyango kanjalo nezinye izinhlaka ezokuvakasha, abengqephu, uMnyango wezokuthutha ngoba lomcimbi ufuna kubanjiswano ukuze ukhule,”kusho uKhawula.

Eqhuba uNgqongqoshe unxuse wonke umphakathi owakhele indawo yaseNdumeni ukuba uphume ngobuningi kwawo ukuzozibonela lo mcimbi omkhulukazi.

Ngokomklomelo wakulo nyaka inhashi elizonqoba lizokhala lemuke nesamba semali esingango R300 000, bese kuthi umgibeli walo (Jockey) yena agoduke nemali engango R30 000.

IDundee July kuhlelwe ukuthi ubengoMgqibelo womhlaka 20 July enkundleni yezemidlalo eyaziwa nge-Endumeni Horce Racing Field.

Kuphinde kwavele ukuthi kuzobe kukhona namahhashi avela kwezinye izifundazwe okubalwa iMpumalanga, Eastern Cape, Free State neGauteng.

Amahhashi azobe ebhekwe ngabomvu kumjaho omkhulu,uNxakanxaka,uMbayimbayi,Bercelona,Eliyah,Amazondo noZamcolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *