Breaking News

uDuma Emkhakheni Ongajwayelekile

0 0
Sphakamiso Duma (27)

NJENGENXENYE yobungaza intsha ebambe iqhaza kukhulisweni komnotho ezweni lethu, kulenyanga yentsha sisenkundleni no Sphakamiso Duma (27) ongowokuzalwa eWyebank, ongusomabhazinisi
esemncane kakhulu aphinde abe semkhakheni ongajwayelekile entsheni eningi. USiphakamiso
ongumsunguli we-Duma Wines okuyinkimpani ekhiqiza amawayini. Esilandisa ngohambo lwakhe kulomkhakha uthi akulona uhambo olulula neze lolu ikakhulukazi ngaphansi kwezikhathi zobhubhane esibhekene nazo.

Uthi uthando lamawayini lwaqala esashaya ithili kwezinye zezitolo eminyakeni eyedlule ehlezi ebona amakhasimende ethenga amawayini, ilapho elakhula khona uthanda efisa ukwazi kabanzi ngawo. Wabe eseziqalela olwakhe uncwaningo elamuholela ezifundweni zalo esibizwa nge Wine Of South Africa. Uthi nalana ayesebenza khona babona ukuzimisela kwakhe base bamukhuphulela

esikhundleni soku Wine Controller, okulana lilokhu lukhule njalo uthando lamawayini esekwazi ukuzitholela neminye imisebenzi eceleni njenge Brand Ambassador.Akugcinanga lapho ngoba ngonyaka ka-2019 wenza izifundo zakhe ze Science of Alcohol esikhungweni i-The Open University okwaletha ukuvelela okukhulu empilweni yami.

“Kulona lonke ulwazi engase nginalo nolwazi engaluthola ezikhungweni zemfundo ephakeme engazihamba, ngahlala phansi ngacabanga ukuthi yini kanye engingazenzela yona. Ilapho engaqala khona inkampani iDuma Wines ngonyaka ka 2020, lapho esisane wayini elilodwa elibizwa nge A Glass of Wine sisabheke ukwenza nezinye izinhlobo . Umuntu ugcine esethola izindlela zokuzama impilo ngoba njengentsha sisesikhathini esinzima sokuntuleka kwamathuba emisebenzi,” kuchaza uSiphakamiso. Uthi ngemumva kokuthola isitoki sakhe sokuqala uMongameli

wezwe wamemezela ukuvalwa kophuzo oldakayo. Uthi lokuvalwa kwamulimaza kakhulu yena kulelibhizinisi njengoba namanje izinto zisanzima kakhulu. Kwaphinde wamuphuthisela ngokufakwa kwe wayini lakhe ohlwini.

Uthi noma izinqinamba zikhona uyajabula ukuthi izinto ubelokhu ezithatha ngonyawo lonwabu waphinde wazinika isikhathi esanele ukufunda kabanzi ngemboni ngaphambi kokuthi angene kuyona. Uthi noma izinto zithanda ukuba nzima usekwazile kulesisikhathi esincane aqokwe aphinde awine izindondo ezimbili ngaphansi kwe- Sunday World Unsung Heroes Awards 2021 – Category: Youth In Business – Awards eyesibili KwaZulu-Natal Youth Business Awards 2021 – Categories: Food & Baverages wathola isitifiketi sokuqokwa. Esevale uthe ukholelwa ekutheni wonke umuntu unesiphiwo sakhe, kuphela nje intsha kumele ithole inhloso yokwenza nokuzama ukuziphilisa ngeziphiwo zabo.



Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *