Breaking News

UCWANINGO: ABAFUNDI AMASEZINDAWENI ZASEMAKHAYA BABHEKENE NOBUNZIMA NGENXA YOBUDLOBONGELA OKUSEZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA.  

2 0

UMnu Sphelele Myeni onguthisha odabuka endaweni yakwa Hlabisa Esigodini sase Nhlwathi, oneziqu zobuthishela azenza eNyuvesi yasoNgoye ne Honours.

Uthi wabona kukhula mawala inkinga yokuhlukumezana kwabafundi ezinkundleni zokuxhumana phecelezi lokhu okubizwa nge-Cyber Bullying. uMyeni wabe eseqala ucwaningo lokuthi kungani  i-Bullying ibathinta kanje ngokuhluka abafundi basemakhaya kunalaba abahlala kwizindawo ezase dolobheni ezakhekile.

Lolu cwaningo lukhombise imiphummelo yokuthi abafundi basendaweni yasemakhaya abayiboni i-Cyber Bullying nokucwasana kwizinkundla zokuxhumana njengento engase idinge ukungenelelwa ngabakwasidlodlo noma ukuthi umfundi ahambe ayo khuluma ngalo loludaba kwabadala nothisha.

“Indaba engake ngezwa ngayo eyangithusa kakhulu ingamhla omunye wabafundi besikole owayehlukumezeka kuzona izinkundla zokuxhumana wayenza kahle kuzona zonke izifunda zakhe engabi nokuphazamiseka kakhulukazi kwisifunda sezibalo, ngabona ukuthi umona nokubukelana phansi kuyinto ekhona kakhulu kwizikundla zokuxhumana.” Kusho uMyeni.

Eqhuba uMyeni, uthi ngisho kungeyona yinto entsha leyo kodwa, kwakushaqisa ukubona ukuthi iningi labafundi abasebenzisa u-Facebook kanye no-Whatsapp, bawusebenzisela ukucekelela nokuhlaza abanye abafundi. Izizathu zokwenza lokhu bathi abanye basuke beniskhwele kanti futhi abanye bathi benzela ukucitha isizungu esisuke sibabambile ngaleso sikhathi.

uThisha uMyeni uthi kuyadingakala ukuthi kwakhiwe izindlela zokuqwashisa othisha kanye nabafundi ngokuhlukumezana, nokucwasana ezinkundleni zokuxhumana ezindaweni zasemakhaya nasemaphethelweni. Uyasho ukuthi lento iyinkinga enkulu kodwa izikole kanye nothisha abayisukumeli nhlobo.  Lokhu kugqama kakhulu uma uqala ufunde yonke imigomo nemibandelo yezikole, uyathola ukuthi ayikho imfundiso exhazulula loludaba le-Bullying.

Uthi uyakholelwa ekutheni izikole eziningi uma zingasungela imigomo nemibandela ekhuluma nge-bullying kungaba no shintsho. Umyango wezemfundo eNingizimu Afrika kumele ufundisi othisha ngezindlela abangaxhazulula ngayo i-Cyber Bullying. Bonke abafundi kumele bagqugquzelwe ukuthi bangenelele kwingxoxo kanye nokuqwashisana ngemthelela ye-Bullying ngezindlela ezahlukahlukile.

Ngesikhathi eqhathanisa izikole zasemakhaya nezasedolobheni uMyeni wabona ukuthi abafundi basemakhaya abahlushwa i-Cyber bullying abayi ukuyobona osonhlalakahle noma udokotela wenqondo ukuze bezothola ukululeka ngesimo abakusona  ngenxa yebanga elihanjwayo uma usuka ekhaya/esikoleni uya emitholampilo oseduzane. Abafundi base zindaweni ezakhekile nasemadolobheni abanayo lenkinga yokuhlala kude nodokotela nezindawo zamaphoyisa futhi bafundisekile ngezehlakalo ze-Bullying, lokho kusho ukuthi bayakwazi nokuthola usizo nezindlela ezahlukene zokuluthola usizo uma isikole singakwazi ukusiza.

Ucwanango la Mnu. Myeni lubekwe njengento evula kabhusha indlela esicabanga ngayo futhi kwagqamisa ukubaluleka kokufunda ulwazi lobuchwepeshe besimanje ngabafundi kanye nothisha.

uMnu. Myeni usanda kwethweswe iziqu ze Master of Education kwi Discipline of Education Psychology eUniversity of KwaZulu Natal Westville campus.     

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *