Seziqalile Izinxoxo Zokubhunga Ngokukhulisa Umnotho

Date:

Sonto Lezimboni le-SADC (SADC Industrialisation Week) liwumcimbi omkhulu wale nhlangano ohlose ukukhuthaza ukuthuthukiswa kwezimboni esifundeni, ukuheha abatshalizimali kanye nokuguqula umnotho ukuze ukhule ngendlela esimeme.


Loluhlelo lwezinsuku ezinhlanu luzoba nezingxoxo ezisezingeni eliphezulu ngenqubomgomo, izingxoxo zobuchwepheshe, izingxoxo ezimayelana nokukhuthaza ukuhwebelana nokutshalwa kwezimali, amathuba okuxhumana phakathi kosomabhizinisi, izingxoxo zamasu okutshalwa kwezimali, imibukiso yezimboni kanye nokuvakashelwa kwezindawo zezimboni namafemu okukhiqiza.


Lo mcimbi ungaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukuvulela wonke umuntu amathuba, ukwakha izimboni eziqinile, ezisimeme nezibandakanya wonke umuntu ngokuthuthukisa ingqalasizinda, ukuguqula ezolimo kanye nokusetshenziswa kwamaminerali abalulekile, ngenhloso yokwakha umhlaba onobulungiswa.”


Ingqikithi yawo igxile ekuqiniseni ukuhwebelana phakathi kwamazwe e-SADC, ekwandiseni amandla ezimboni nasekudaleni amathuba emisebenzi azohlala isikhathi eside.
Izinsuku ezisele zalo mcimbi zizobe zigxile ezingxoxweni ezimayelana nokutshalwa kwezimali, ubuchwepheshe, imboni yezemithi, ukufinyelela ezimakethe kanye nezinye izindaba ezibalulekile ezihlose ukukhulisa umnotho wesifunda.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...