Amazulu Anqobe Iminyaka Ilandelana Kowesifundazwe.

Date:

Iqembu i-AmaZulu FC linqobe iPremier’s Cup ka-2026 ngemuva kokushaya iMilford FC ngo 2-0 kowamanqamu obubanjelwe ePrincess Magogo Stadium ngeSonto.

Usihlalo we-AmaZulu FC, uSandile Zungu, uthe lo mqhudelwano ubalulekile ngoba unikeza abadlali abasakhulayo ithuba lokuzibonakalisa phambi kwamaqembu adlala esigabeni esiphezulu.

Uthe abadlali abasebancane bayathola ithuba lokuncintisana nabadlali asebenolwazi, okwenza kube lula ukuthi baqashelwe amaqembu eBetway Premiership.

“Baningi abadlali abanekhono abangakaze balithole ithuba lokuziveza. IPremier’s Cup ibavulela indlela yokuthi babonwe, kanti sesibonile namaqembu afana neStellenbosch FC ethola abadlali emiqhudelwaneni efana nalona,” kusho uZungu.

Ethula indebe kumaZulu FC, uNdunankulu waKwaZulu-Natali, uThamsanqa Ntuli, uthe iPremier’s Cup ayigcini ngokuthuthukisa ibhola kuphela, kodwa iphinde ivuse umnotho wasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

Uthe abadayisa ezinkundleni bayazuza ngesikhathi semidlalo, kanti namahhotela athola amakhasimende amaningi ngenxa yabantu abasuka ezindaweni ezahlukene bezobuka imidlalo.

“Okubaluleke kakhulu wukuthi ezemidlalo zihlanganisa imiphakathi, zisize ekulweni nobugebengu futhi zakhe ubumbano emphakathini. sijabule kakhulu nange qembu elisha i MILDFORD ngezinga edlala ngalo kuyacaca izofika ithi khaxa kumathimu aphezulu. Amaqembu alapha esifundazweni esewonke ayakhombisa ukuthi asekulungile ukudlala kwi sizini elandelayo ”. kusho uNtuli.

UNtuli uphinde wagcizelela ukuthi ezemidlalo zidlala indima enkulu ekuhlanganiseni imiphakathi, ekulweni nobugebengu nasekuvimbeni ukusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala ngokweqile. Uthe uhulumeni uzoqhubeka nokweseka ukuthuthukiswa kwezemidlalo emalokishini nasezindaweni zasemakhaya ukuze intsha ithole amathuba angcono futhi igweme izinkinga ezibhekene nomphakathi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...